"isiyalezo"
20 occurrences in ZUL
Ngasemnyango wetende lokuhlangana niyakuhlala imini nobusuku izinsuku eziyisikhombisa, nisigcine isiyalezo sikaJehova , ukuze ningafi , ngokuba ngiyaliwe kanjalo.
Ngalokho gcinani isiyalezo sami ukuba ningenzi nalinye lalawo masiko anengekayo, ayenziwa ngaphambi kwenu , ningazingcolisi ngawo ; nginguJehova uNkulunkulu wenu.
Ngalokho abogcina isiyalezo sami , funa babe nesono ngaso , bafele kuso , uma besihlambalaza, nginguJehova obangcwelisayo.
Nalapho ifu lihlala phezu kwetabernakele izinsuku eziningi , abantwana bakwa-Israyeli bagcina isiyalezo sikaJehova, abahambanga.
UJehova wayesethi kimi : Vuka uhambe phambi kwabantu ; bayakungena, balidle izwe engalifungela oyise ukubanika lona. Isiyalezo sokulalela imiyalo kaJehova
Dabulani phakathi kwekamu, niyale abantu, nithi: Zilungiseleni umphako, ngokuba emva kwezinsuku ezintathu niyakuwela leli Jordani , ningene ukuba nilidle izwe uJehova uNkulunkulu wenu aninika lona ukuba nilizuze. Isiyalezo sikaJoshuwa ukuba izizwe zasempumalanga zisize ukunqoba izwe elingasentshonalanga kweJordani
USawule wayesethi kuSamuweli : Ngonile, ngokuba ngeqile isiyalezo sikaJehova namazwi akho, lokhu ngesaba abantu, ngalalela izwi labo.
ugcine isiyalezo sikaJehova uNkulunkulu wakho ukuba uhambe ezindleleni zakhe, ugcine izimiso zakhe, nemiyalo yakhe, nezahlulelo zakhe, nobufakazi bakhe njengokulotshiweyo emthethweni kaMose , ukuze uphumelele kukho konke okwenzayo nakukho konke okubhekayo,
Wawamisa amaLevi endlini kaJehova ephethe amasimbali , nezingubhu, namahabu njengesiyalezo sika Davide nesikaGadi umboni wenkosi nesikaNathani ump rofethi, ngokuba isiyalezo sasingesikaJehova ngesandla sabaprofethi bakhe.
NakwaJuda sasikhona isandla sikaNkulunkulu ukubanika inhliziyonye ukuba benze isiyalezo senkosi nesezikhulu ngezwi likaJehova.
nenzalo yakho yayiyakuba ngangesihlabathi , nabantwana bezibilini zakho njengezinhlamvu zaso ; igama lakhe nga linganqunywanga , lachithwa ngaphambi kwami. Isiyalezo sokuphuma eBabele
Bonke abongameli bombuso , nababusi, nezikhulu, nabomkhandlu, nezinduna balulekene kanyekanye ukuba kumiswe isimiso senkosi , kumenyezelwe isiyalezo esiqinileyo sokuthi yilowo nalowo ocela isicelo nakumuphi unkulunkulu noma kumuntu ngezinsuku ezingamashumi amathathu, kuphela kuwe nkosi , uyakuphonswa emph andwini wezingonyama.
Kalokhu, nkosi, simemezele isiyalezo, ulobe umbhalo ukuba ungaguqulwa ngokomthetho wamaMede namaPheresiya ongenakuguquka.
Asondela, akhuluma phambi kwenkosi ngesiyalezo senkosi , athi: Asithi ulobile isiyalezo sokuthi yilowo nalowo ocela nakumuphi unkulunk ulu noma kumuntu ngezinsuku ezingamashumi amathathu , kuphela kuwe nkosi , uyakuphonswa emphandwini wezingonyama na ? Inkosi yaphendula yathi : Iqinisile leyo nto ngokomthetho wamaMede namaPheresiya ongenakuguquka.
Ayesebuthana lawo madoda enkosini , athi enkosini: Yazi, nkosi, ukuthi kungumthetho wamaMede namaPheresiya ukuba kungaguqulwa isiyalezo nesimiso esimiswa yinkosi.
Ngenza isiyalezo ukuba ekubuseni konke kombuso wami abantu bathuthumele, besabe phambi kukaNkulunkulu kaDaniyeli , ngokuba unguNkulunkulu ophilayo , umi kuze kube phakade , nombuso wakhe yiwo ongayikuchithwa, nokubusa kwakhe kuyakuma kuze kube sekupheleni.