Uyakugwinya ukufa kuze kube phakade ; iNkosi uJehova iyakwesula izinyembezi ebusweni bonke, isuse amahloni abantu bakhe emhlabeni wonke, ngokuba uJehova ukhulumile.
Kepha uma umlindi ebona inkemba yehla , angabethi icilongo , abantu bangaxwayi, bese yehla inkemba, isuse umuntu kubo , uyasuswa ngenxa yobubi bakhe kepha igazi lakhe ngiyakulibiza esandleni somlindi.