Skip to Content

"ithayi"

8 occurrences in ZUL

Inkosi yayisithi ku -Ithayi umGiti: Nawe uhambelani nathi na ? Buya uhlale nenkosi, ngokuba ungumfokazi nomxoshwa endaweni yakho.

U-Ithayi wayiphendula inkosi , wathi: Kuphila kukaJehova nokuphila kwenkosi yami , inkosi, impela kuleyo ndawo eyakuba kuyo inkosi yami , inkosi, noma kusekufeni noma kusekuphileni , lapho iyakuba khona nenceku yakho.

UDavide wathi ku -Ithayi: Hamba, uwele. U-Ithayi umGiti wawela kanye nabo bonke abantu bakhe nazo zonke izingane ezazinaye.

UDavide wamukisa abantu , inxenye yesithathu iphansi kwesandla sikaJowabe, nenxenye yesithathu iphansi kwesandla sika -Abishayi indodana kaSeruya, umfowabo kaJowabe, nenxenye yesithathu iphansi kwesandla sika- Ithayi umGiti. Inkosi yathi kubantu: Nami ngiyakuphuma nokuphuma nani.

Inkosi yabayaleza oJowabe no -Abishayi no-Ithayi, yathi: Anoyiphatha kahle insizwa ngenxa yami, ngisho u-Abisalomu. Bonke abantu bezwa, lapho inkosi iyaleza zonke izinduna ngo-Abisalomu.

Wathi-ke umuntu kuJowabe : Noma bengiyakukhokhelwa izinhlamvu eziyinkulungwane zesiliva esandleni sami , nokho bengingayikuselulela isandla sami endodaneni yenkosi, ngokuba ezindlebeni zethu inkosi yakuyala wena no-Abishayi no-Ithayi ukuthi: Yilondeni insizwa u-Abisalomu.

noHelevi indodana kaBahana waseNethofa , no-Ithayi indodana kaRibayi waseGibeya labantwana bakwaBenjamini,

no-Ithayi indodana kaRibayi waseGibeya labantwana bakwaBenjamini, noBenaya wasePirathoni,