Skip to Content

"ivangeli"

77 occurrences in ZUL

Ngokuba sekuyisikhathi sokuba ukwahlulela kuqale endlini kaNkulunkulu ; kepha uma kuthathela kithina , kuyakuba yini ukuphela kwabangalaleli ivangeli likaNkulunkulu na?

UJesu walihamba lonke elaseGalile efundisa emasinagogeni abo , eshumayela ivangeli lombuso , ephulukisa abantu ezifweni zonke nasebuthakathakeni bonke.

UJesu wayihamba imizi yonke nemizana efundisa emasinagogeni abo , eshumayela ivangeli lombuso, ephulukisa izifo zonke nokugula konke.

Izimpumputhe ziyabona , izinyonga ziyahamba , abanochoko bayahlanjululwa, izithulu ziyezwa , abafileyo bayavuswa , abampofu bayashunyayezwa ivangeli;

Emva kok uboshwa kukaJohane uJesu wafika eGalile eshumayela ivangeli likaNkulunkulu,

Kepha ivangeli limelwe ukushunyayelwa kuqala ezizweni zonke.

Ngiqinisile ngithi kini : Nomaphi lapho liyakushunyayelwa khona ivangeli ezweni lonke , kuyakukhulunywa nangalokho akwenzileyo , kube yisikhumbuzo ngaye. Umvuzo wokumkhaphela uJesu (Math. 26:14; Luk. 22:3)

Wayesethi kubo: Hambani niye ezweni lonke, nishumayele ivangeli kukho konke okudaliweyo.

Nangokunye okuningi washumayela ivangeli kubantu, ebayala.

UMoya weNkosi uphezu kwami , ngokuba ingigcobile ukuba ngishumayele ivangeli kwabampofu , ingithumele ukumemezela ukukhululwa kwabathunjiweyo, nokubona kwabayizimpumputhe , nokuhlenga abacindezelweyo,

Kepha wathi kuzo : Nakweminye imizi ngimelwe ukushumayela ivangeli lombuso kaNkulunkulu, ngokuba ngithunyelwe lokho.

Yaphendula, yathi kuwo: Hambani nimlandise uJohane lokho enikubonile nenikuzwile ukuthi : Izimpumputhe ziyabona , izinyonga ziyahamba , abanochoko bayahlanjululwa , izithulu ziy ezwa, abafileyo bayavuswa , abampofu bayashunyayezwa ivangeli;

Kwathi emva kwalokho wayehamba imizi nemizana eshumayela ememezela ivangeli lombuso, benaye abayishumi nambili

Bamuka-ke, bahamba imizi ngemizi beshumayela ivangeli , bephulukisa ezindaweni zonke. Ukubulawa kukaJohane uMbhapathizi (Math. 14:1; Mark. 6:14)

Umthetho nabaprofethi kwakukhona kwaze kwa fika uJohane ; kusukela kuleso sikhathi ivangeli lombuso kaNkulunkulu liyashunyayelwa , wonke umuntu uphika ngokufuzula kuwo.

Kwathi ngolunye lwezinsuku lezo esafundisa abantu ethempelini , eshumayela ivangeli , abapristi abakhulu nababhali bekanye namalunga bamvukela.

abayekanga ukufundisa nokushumayela ivangeli ngoJesu Kristu imihla yonke ethempelini nasemakhaya.

Kepha bathi ukuba bakholwe nguFiliphu eshumayela ivangeli ngombuso kaNkulunkulu nangegama likaJesu Kristu , babhapathizwa abesilisa nabesifazane.

Kuthe sebefakazile , belikhulumile izwi leNkosi , babuyela eJerusalema , bashumayela ivangeli emizaneni eminingi yabaseSamariya. Ukuphenduka kwenduna yase-Etiyopiya

UFiliphu wavula umlomo wakhe , eqala kulowo mbhalo washumayela ivangeli ngoJesu.

Kepha uFiliphu wafunyanwa e-Azotu, wahamba eshumayela ivangeli kuyo yonke imizi, waze wafika eKesariya.

Walithumela izwi kubantwana bakwa -Israyeli, eshumayela ivangeli lokuthula ngaye uJesu Kristu; yena uyiNkosi yabo bonke.

Kodwa kwakukhona abanye kubo, amadoda aseKhupro naseKhurene, abathi befika e-Antiyokiya, bakhuluma nakum aGreki, beshumayela ivangeli ngeNkosi uJesu.

Nathi sinishumayeza ivangeli lesithembiso esenziwa kobaba

bashumayela khona ivangeli. UPawulu ushumayela eListra

bethi: Madoda, nikwenzelani lokhu na ? Nathi singabantu abanjengani ngemvelo, sinishumayeza ivangeli ukuba niphenduke kulokho okuyize , niphendukele kuNkulunkulu ophilayo owenza izulu nomhlaba , nolwandle, nakho konke okukukho,

Sebelishumayele ivangeli kulowo muzi , bezuzile abafundi abaningi , babuyela eListra, nase-Ikoniyu, nase-Antiyokiya,

Lapho esewubonile umbono , safuna masinyane ukuya eMakedoniya , sathi uNkulunkulu usibizile ukuba sibashumayeze ivangeli.

Kepha abathile kuzo izazi zama-Epikhuru nezamaStoyiku baphikisana naye; abanye bathi : Leli p hoshophosho lithini na ? Abanye bathi : Kungathi ungomemezela onkulunkulu abangaziwayo , ngokuba wayeshumayela ivangeli ngoJesu nangokuvuka kwabafileyo.

UPawulu, inceku kaKristu Jesu , umphostoli obiziweyo nowahlukaniselwe ivangeli likaNkulunkulu,

kubo bonke abathandiweyo bakaNkulunkulu abaseRoma , ababiziweyo, abangcwele: Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu. Isifiso sikaPawulu ukushumayela ivangeli eRoma

kanjalo mina ngokwami nginesifiso sokushumayela ivangeli nakinina baseRoma.

Kodwa abalilalelanga bonke ivangeli . Ngokuba u -Isaya uthi : Nkosi, ngubani owakholwa ngesikuzwileyo na?

wokuba ngibe yisikhonzi sikaKristu Jesu kwabezizwe , ngikhonze ivangeli likaNkulunkulu njengompristi , ukuze abezizwe babe ngumnikelo owamukeleka kahle, ungcwelisiwe ngoMoya oNgcwele.

ngamandla ezibonakaliso nezimangaliso, ngamandla kaMoya oNgcwele , njengokuba ngasuka eJerusalema , ngazungeza ngaze ngafika e -Iliriku, ngishumayela ivangeli likaKristu ngokupheleleyo.

Kanjalo ngangihlose ukushumayela ivangeli kungabi lapho uKristu waziwa khona, ukuze ngingakhi phezu kwesisekelo somunye,

Ngokuba uKristu kangithumanga ukuba ngibhapathize , kepha ukuba ngishumayele ivangeli , kungabi ngokuhlakanipha kwamazwi , funa isiphambano sikaKristu senziwe ize. Ukuhlakanipha kukaNkulunkulu nokuhlakanipha kwezwe

Uma abanye behlanganyela lawo mandla phezu kwenu , kungebe yithi kakhulu na ? Nokho asilisebenzisanga lelo gunya , kepha sibekezela ngakho konke, ukuze singalithiyi ivangeli likaKristu.

Ngokunjalo iNkosi imisile ukuba abamemezela ivangeli baphile ngevangeli.

Ngokuba noma ngishumayela ivangeli , anginaludumo ngalok ho, ngokuba ngimelwe ukwenze njalo ; ngokuba maye kimina uma ngingalishumayeli ivangeli!

Pho, uyini umvuzo wami na ? Uyilokhu ukuba nxa ngishumayela ivangeli , ngikwenze ukuba ivangeli lingabizi lutho , ukuze ngingasebenzisi ilungelo lami enginalo evangelini. UPawulu uyisigqila sabo bonke

Kepha, bazalwane, ngiyanikhumbuza ivangeli enganishumayeza lona nenalamukelayo nenimi kulo,

Kepha mhla ngifika eTrowa ukuba ngishumayele ivangeli likaKristu , ngivulelwe umnyango eNkosini,

Kepha uma ivangeli lethu lifihlakele, lifihlakele kwabalahlwayo,

size sishumayele ivangeli nasezindaweni ezingaphambi kwakini, singazibongi ngezinto esezenziwe endaweni yomunye.

Ngokuba uma kufika umuntu eshumayela omunye uJesu esingamshumayelanga, noma namukela omunye umoya eningawamukelanga, noma elinye ivangeli eningalamukelanga, nikubekezelela kakhulu.

Kumbe ng onile yini ngokuzithoba ukuba niphakanyiswe nina , lokhu nganishumayeza ngesihle ivangeli likaNkulunkulu na?

makube kuye udumo kuze kube phakade. Amen. Ukuhlubuka kwabaseGalathiya kulo ivangeli eliyilo

Ngiyamangala ngokuba nimhlubuka masinya kangaka yena owanibizela emuseni kaKristu, niye kwelinye ivangeli,

elingesilo elinye , kuphela ukuba bakhona abanididayo , bethanda ukuphendukezela ivangeli likaKristu.

Kepha-ke noma kungaba yithina noma ingelosi evela ezulw ini enishumayeza ivangeli eliphambene nalelo esanishumayeza lona , makabe ngoqalekisiweyo.

Njengalokho sesishilo , ngisaphinda nakalokhu , ngithi: Uma umuntu enishumayeza ivangeli eliphambene nalelo enalamukelayo , makabe ngoqalekisiweyo. UPawulu wathola ubuphostoli kuNkulunkulu

Ngokuba ngiyanazisa , bazalwane, ukuba ivangeli elishunyayelwe yimina alisilo elingokwabantu.

Kepha ngenyukela ngambulelwe; ngabalandisa ivangeli engilishumayela phakathi kwabezizwe , kepha phambi kwabadumileyo bebodwa , funa mhlawumbe kungaba ngukuthi ngigijimela ize, noma sengagijimela ize.

kuphela ukuba sikhumbule abampofu , eyonanto nami ebengikhuthalele ukuyenza. UPawulu walwela ivangeli emelene noPetru e-Antiyokiya

Kepha umbhalo , ubona ngaphambili ukuthi uNkulunkulu uzakulungisisa abezizwe ngokukholwa, walishumayela ngaphambili ivangeli ku-Abrahama, wathi: Izizwe zonke ziyakubusiswa kuwe.

kepha niyazi ukuthi kwaba ngenxa yobuthakathaka benyama ukuba ngishumayele ivangeli kini okokuqala,

kuye nani esenizwile izwi leqiniso , ivangeli lokusindiswa kwenu , enakholwa nguye futhi , nani nabekwa uphawu olunguMoya oNgcwele wesithembiso

Weza washumayela ivangeli lokuthula kinina enanikude , yebo, ukuthula nakubo abaseduze.

Mina engimncinyane kunabo bonke abangcwele ngaphiwa lowo musa wokushumayeza abezizwe ivangeli lengcebo kaKristu engaphenyekiyo

izinyawo zigqokisiwe ukulungela kukho ukushumayela ivangeli lokuthula;

njengalokhu kufanele ukuba ngibe nomqondo onjalo ngani nonke , njengokuba nginithwele enhliziyweni yami , lokhu ekuboshweni kwami nasekulivikeleni nasekuliqiniseni ivangeli nina nonke nihlanganyele nami emseni.

laba bashumayela ngothando, bazi ukuthi ngimiselwe ukuvikela ivangeli,

Kuphela hambani ngokufanele ivangeli likaKristu , kuze kuthi, noma ngiza nginibona noma ngingekho , ngizwe izindaba zenu zokuthi nimi niqinile emoyeni munye, nangomphefumulo munye nilwela inkolo yevangeli,

ukuthi ivangeli lethu alizanga kini ngezwi kuphela kodwa nangamandla , nangoMoya oNgcwele, nangokwethemba okukhulu, njengokuba nazi ukuthi saba ngabantu abanjani phakathi kwenu ngenxa yenu.

Kepha noma sasihlushiwe kuqala saphathwa kabi eFilipi , njengokuba nazi, saba nesibindi kuNkulunkulu wethu sokunishumayeza ivangeli likaNkulunkulu ngokulwa okukhulu.

kepha njengokuba sivunyiwe nguNkulunkulu ukuba siphathiswe ivangeli , siyakhuluma ngokunjalo, singenzeli ukuthokozisa abantu kepha uNkulunkulu ovivinya izinhliziyo zethu.

Ngokunjalo lokhu besinilangazelele , sasifuna ukuninika kungesilo ivangeli likaNkulunkulu kuphela , kepha nokuphila kwethu uqobo , ngokuba nase ningabathandekayo kithina.

Ngokuba niyakhumbula , bazalwane, ukukhandleka nokushikashikeka kwethu; sisebenza ubusuku nemini , ukuze singasindi noyedwa kinina , sanishumayeza ivangeli likaNkulunkulu.

elangabini lomlilo , ephindisela kwabangamazi uNkulunkulu nakwabangalaleli ivangeli leNkosi yethu uJesu,

ngokwevangeli lenkazimu lo kaNkulunkulu obongekayo , engaphathiswa lona mina. UPawulu udumisa uNkulunkulu owamkhethela ukushumayela ivangeli

kuThimothewu, umntwana othandekayo: Makube kuwe umusa , nobubele, nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba nakuKristu Jesu iNkosi yethu. UPawulu umvusa uThimothewu ukuba aqine ekulweleni ivangeli

Ngalokho ungabi namahloni ngobufakazi ngeNkosi yethu nangami, isiboshwa sayo , kodwa hlanganyela ukuhluphekela ivangeli ngamandla kaNkulunkulu

Ngokuba phela nathi sashunyayezwa ivangeli njengabo; kepha izwi abalizwayo alibasizanga bona , lokhu lingahlangananga nabezwayo ngokukholwa.

Ngakho-ke lokhu kusasele uk uba abanye bangene kukho , nalabo abashunyayezwa kuqala ivangeli bengangenanga ngokungalaleli,

abambulelwe ukuba bangazikhonzi bona kepha nina ngalezo zinto enishunyayezwa zona manje ngabanishumayeza ivangeli ngoMoya oNgcwele othunywe evela ezulwini, izinto ezizifisayo izingelosi ukuzibona. UPetru ukhuthaza abakholwayo ukuba bahambe ngobungcwele

Ngokuba ngalokho ivangeli lashunyayelwa nakwabafileyo, ukuze bahlulelwe ngokwabantu enyameni kepha baphile ngokukaNkulunkulu emoyeni.