"iviyo"
16 occurrences in ZUL
wakhuluma kuKora nakulo iviyo lakhe , wathi: Kusasa uJehova uyakwazisa ukuthi ngubani ongowakhe nokuthi ngubani ongcwele , amsondeze kuye ; lowo ayakumkhetha uyakumsondeza kuye.
Ngalokho wena nalo lonke iviyo lakho nimhlanganyele uJehova ; no-Aroni uyini yena ukuba nikhonone ngaye na?
Amadodana ka -Eliyabe: ngoNemuweli, noDathani, no-Abiramu. Laba bangoDathani no-Abiramu labo ababizwa yinhlangano ukuba balwe noMose no-Aroni bekulo iviyo likaKora, lilwa noJehova;
Ubaba wafela ehlane ; wayengekho phakathi kweviyo labahlanganyela uJehova kulo iviyo likaKora; kepha wafa ngesakhe isono engenamadodana.
Lapho sebefike khona entabeni , bheka, iviyo labaprofethi lahlangana naye ; uMoya kaNkulunkulu wehlela phezu kwakhe, waprofetha phakathi kwabo.
USawule wathuma izithunywa ukumthatha uDavide ; lapho zibona iviyo labaprofethi beprofetha , uSamuweli emi engumholi wabo , uMoya kaNkulunkulu wazehlela izithunywa zikaSawule, nazo zaprofetha.
Wayesethi uDavide: Aniyikwenza kanjalo, bafowethu, ngalokho esikuphiwe nguJehova osilondolozile, wanikela esandleni sethu iviyo elasihlasela.
Umlindi owayemi embhoshongweni waseJizreyeli wabona iviyo likaJehu lisafika, wathi: Ngibona iviyo . UJoramu wathi : Zithathele owehh ashi umthume ukubahlangabeza ngokuthi: Kusahleziwe kahle na?
Kwathi lapho besammbela umuntu othile , bheka, babona iviyo; bamlahla umuntu ethuneni lika-Elisha. Lowo muntu wanele ukuthinta nje amathambo ka-Elisha, waphila, wema ngezinyawo zakhe. Ama-Aramu ayahlulwa
Abakhileyo eJerusalema babeka u -Ahaziya indodana yakhe encane inkosi esikhundleni sakhe , ngokuba iviyo lababefike ekamu nabase -Arabiya lalibulele bonke abokuqala. Wayesebusa-ke u-Ahaziya indodana kaJehoramu inkosi yakwaJuda.
amathuna alo engaphakathi kwegodi, iviyo lalo lizungeza ithuna nxazonke, bonke balo bebulewe bewe ngenkemba , labo ababebanga ukuba besatshwe ezweni labaphilayo.
ngiyakukuguqula, ngifake izingwegwe emihlathini yakho , ngikukhiphe kanye nayo yonke impi yakho , amahhashi nabamahhashi, bonke bembethe kahle kakhulu , iviyo elikhulu elinamahawu nezihlangu , bonke bephethe izinkemba,