Skip to Content

"iwundlu"

19 occurrences in ZUL

Khulumani kuyo inhlangano yonke yakwa-Israyeli, nithi: Ngolweshumi lwale nyanga yilowo nalowo makazithathele iwundlu ngokwezindlu zawoyise, kube yiwundlu ngendlu;

uma abomuzi bengalaneli iwundlu , wolithatha nomakhelwane wakhe oseduze nomuzi wakhe njengenani labantu ; kulelo nalelo wundlu anobala inani elithile njengokudla kwalowo nalowo muntu.

Iwundlu malingabi nasici, libe ngeleduna, libe nomnyaka munye, nilithathe ezimvini noma ezimbuzini;

Elinye iwundlu wonikela ngalo ekuseni , elinye iwundlu wonikela ngalo kusihlwa.

Wonikela ngelinye iwundlu ngakusihlwa , wenze kulo njengomnikelo wempuphu wasekuseni nanjengomnikelo wawo wokuphuzwa, kube yiphunga elimnandi, umnikelo womlilo kuJehova.

Uma eletha iwundlu libe ngumnikelo wakhe wesono , woletha insikazi engenasici.

USamuweli wathatha iwundlu elincelayo , wanikela ngalo libe ngumnikelo oshiswa wonke kuJehova ; uSamuweli wamkhalela u-Israyeli kuJehova ; uJehova wamphendula.

Ohlaba inkunzi ebulala nomuntu, nohlaba iwundlu eyaphula nentamo yenja, nonikela ngomnikelo wempuphu , kepha enikela nangegazi lezingulube , noshisa inhlaka , ebonga nesithombe , yebo, laba bakhethile izindlela zabo , nemiphefumulo yabo iyathokoza ngezinengiso zabo.

Uyakulungisa iwundlu elinomnyaka munye elingenasici libe ngumnikelo wokushiswa kuJehova imihla ngemihla, ulilungise ekuseni njalo.

Bayakulungisa-ke iwundlu , nomnikelo wempuphu , namafutha ekuseni njalo, kube ngumnikelo wokushiswa imihla yonke.

Ngangomuso wabona uJesu eza kuye , wathi: Bheka, iWundlu likaNkulunkulu elisusa izono zezwe.

Ebona uJesu ehamba, wathi: Bheka, nanto iWundlu likaNkulunkulu.

Ngase ngibona ngaphakathi kwesihlalo sobukhosi nezidalwa ezine nangaphakathi kwamalunga kumi iWundlu kungathi lihlatshiwe , linezimpondo eziyisikhombisa namehlo ayisikhombisa angoMoya abayisikhombisa bakaNkulunkulu abathunyelwe emhlabeni wonke.

zithi ngezwi elikhulu : Lifanele iWundlu elahlats hwayo ukwamukela amandla nengcebo , nokuhlakanipha, nokunqoba, nodumo, nenkazimulo, nesibusiso.

Nakho konke okudaliweyo okusezulwini , nokusemhlabeni, naphansi komhlaba, naselwandle, nakho konke okukukho , ngakuzwa kuthi : Kuyena ohlezi esihlalweni sobukhos i nakulo iWundlu makube yisibusiso, nodumo, nenkazimulo, namandla kuze kube phakade naphakade.

Ngase ngibona lapho iWundlu livula ol unye lwezimpawu eziyisikhombisa, ngezwa esinye sezidalwa ezine sisho njengezwi lokuduma, sithi: Woza!

ngokuba iWundlu elingaphakathi nesihlalo sobukhosi liyakubelusa , libaholele emithonjeni yamanzi okuphila ; noNkulunkulu uyakwesula izinyembezi zonke emehlweni abo.

Ngase ngibona; bheka, iWundlu limi entabeni yaseSiyoni , kumi kanye nalo abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane , benegama lalo negama likaYise lilotshwe emabunzini abo.

Labo yibo abangangcoliswanga yisifazane, ngokuba bayizintombi. Labo yibo abalandela iWundlu noma liyaphi . Labo bathengwa ebantwini , babe lulibo kuNkulunkulu nakulo iWundlu,