Njengalokho wabona izinyawo nezinzwani , inxenye iyibumba lombumbi , inxenye insimbi, uyakuba ngumbuso owahlukeneyo ; kepha kuyakuba kuwo amandla ensimbi, njengokuba wabona insimbi ixubene nebumba lodaka.
Njengalokho wabona insimbi ixubene nebumba lodaka, bayakuzixubanisa nenzalo yabantu, kepha abayikunamathelana omunye nomunye , njengokuba insimbi ingahlangani nebumba.