Ngokuba uJehova uthanda ukulunga , akabashiyi abangcwele bakhe ; bayalondolozwa kuze kube phakade, kepha inzalo yababi iyachithwa.
Indlu yababi iyachithwa, kepha itende labaqotho liyahluma.
Hhewula, msayipuresi, ngokuba umsedari uyawa , ngokuba emihle iyachithwa; hhewulani nina ma -oki aseBashani , ngokuba ihlathi elingenakudatshulwa liyawa.