Nokho uJehova wathanda ukuyishaya ngezifo ; lapho wenza umphefumulo wayo ube ngumnikelo wecala , iyakubona inzalo yayo, yenze izinsuku zayo zibe ziningi, nentando kaJehova iyakuphumelela esandleni sayo.
Inyama yonke iyakubona ukuthi mina Jehova ngiwuphembile , awuyikucimeka.
Induna yabathenwa yathi kuDaniyeli : Mina ngiyesaba ukuthi inkosi yami , inkosi, emisile ukudla kwenu nokuphuza kwenu , iyakubona ubuso benu ukuba buxhozekile kunabafana abayintanga yenu , nilifake engozini ikhanda lami enkosini.