Bheka, inceku yami iyakuphumelela kahle ; iyakukhuliswa, iphakanyiswe, iphakame kakhulu.
Nokho uJehova wathanda ukuyishaya ngezifo ; lapho wenza umphefumulo wayo ube ngumnikelo wecala , iyakubona inzalo yayo, yenze izinsuku zayo zibe ziningi, nentando kaJehova iyakuphumelela esandleni sayo.