UHana wakhuleka wathi : Inhliziyo yami iyethaba kuJehova , uphondo lwami luphakeme kuJehova; umlomo wami ukhamisile phezu kwezitha zami, ngokuba ngenama ngensindiso yakho.
Jehova, inkosi iyajabula ngamandla akho ; iyethaba kangakanani ngensindiso yakho.
UJehova ungamandla ami nesihlangu sami ; inhliziyo yami ithembe kuye , ngasizwa; ngakho-ke inhliziyo yami iyethaba ; ngizakumdumisa ngesihlabelelo sami.