Ukumesaba uJehova kuhlanzekile , kumi kuze kube phakade ; imithetho kaJehova iyiqiniso, ilungile yonke.
Imisebenzi yezandla zakhe iyiqiniso nokwahlulela ; imithetho yonke yakhe iqinile;
Wena Jehova useduze; imiyalo yakho yonke iyiqiniso.
Njengalokho wabona itshe ukuthi laqheshulwa entabeni kungengazandla , nokuthi lachoboza insimbi , nethusi, nebumba, nesiliva, negolide, uNkulunkulu omkhulu uyazisil e inkosi okuyakuba khona emva kwalokhu ; iphupho liqinisile, nencazo yalo iyiqiniso.
Kalokhu-ke mina Nebukadinesari ngiyatusa , ngiyaphakamisa, ngiyidumisa iNkosi yezulu, ngokuba yonke imisebenzi yayo iyiqiniso , nezindlela zayo zingukwahlulela; abahamba ngokuzidla inamandla okubathobisa.