"izambatho"
33 occurrences in ZUL
Wokhuluma kubo bonke abahlakaniphile ngenhliziyo en gibagcwalisile ngomoya wokuhlakanipha ukuba bazenze izambatho zika -Aroni zokumngcwelisa, ukuze angikhonze esikhundleni sobupristi.
Yilezi izambatho abayakuzenza : isihlangu sesifuba , nengubo yamahlombe , nejazi, nebhantshi elifekethisiweyo, nesigqoko, nebhande, bamenzele u-Aroni umfowenu namadodana akhe izambatho ezingcwele ukuba bangikhonze esikhundleni sobupristi.
Wothabatha izambatho , ufake ku -Aroni ibhantshi , nejazi lengubo yamahlombe, nengubo yamahlombe , nesihlangu sesifuba , umbhincise ngebhande elalukiweyo lengubo yamahlombe;
Izambatho ezingcwele zika -Aroni ziyakuba ngezamadodana akhe emva kwakhe ukuba bagcotshwe, bahlukaniselwe, bembathe zona.
Ngokuluhlaza nangokububende nangokubomvu benza izambatho ezenziwe kahle zokukhonza endaweni engcwele ; bamenzela u -Aroni izambatho ezingcwele, njengalokho uJehova emyalile uMose.
izambatho ezenziwe kahle zokukhonza endaweni engcwele , nezambatho ezingcwele zika -Aroni umpristi, nezambatho zamadodana akhe zokukhonza esikhundleni sobupristi.
Umembathise u-Aroni izambatho ezingcwele, umgcobe, umngcwelise ukuba angikhonze esikhundleni sobupristi.
Abesekhumula izambatho zakhe , embathe ezinye izambatho , akhiphele umlotha ngaphandle kwekamu endaweni ehlambulukileyo.
UMose wayesethi ku -Aroni naku -Eleyazare naku -Itamari amadodana akhe : Ningathukululi izinwele zamakhanda enu , ningaklebhuli izambatho zenu ukuba ningafi , ingathukuthelelwa yonke inhlangano , kepha abafowenu , yonke indlu yakwa-Israyeli, mabalilele ukushisa akuphembileyo uJehova.
U-Aroni uyakungena etendeni lokuhlangana , akhumule izambatho zelineni azembetheyo ekungeneni kwakhe endaweni engcwele, azishiye khona.
Uyakugeza umzimba wakhe ngamanzi enda weni engcwele , agqoke izambatho zakhe , aphume, anikele ngomnikelo wakhe wokushiswa nangomnikelo wokushiswa wabantu, azenzele yena nabantu ukubuyisana.
Umpristi oyakugcotshwa ahlukaniselwe abe ngumpristi esikhundleni sikayise uyakwenza ukubuyisana , afake izambatho zelineni , izambatho ezingcwele,
Ongumpristi omkhulu phakathi kwabafowabo , kuthelwe ekhanda lakhe amafutha okugcoba , nowahlukaniselwa ukuba embathe izambatho, akayikuthukulula izinwele zekhanda lakhe, angaklebhuli izambatho zakhe,
umkhumule u -Aroni izambatho zakhe , uzifake ku -Eleyazare indodana yakhe; u-Aroni uyakubuthelwa kubantu bakhe, afele khona.
UMose wamkhumula u -Aroni izambatho zakhe , wazifaka ku -Eleyazare indodana yakhe ; u-Aroni wafela khona esiqongweni sentaba ; oMose no - Eleyazare behla entabeni.
UJonathani wakhumula ingubo ayenayo , wayinika uDavide , nezinye izambatho zakhe kwaze kwaba nenkemba yakhe, nomnsalo wakhe, nebhande lakhe.
Nina madodakazi akwa -Israyeli, mkhaleleni uSawul e owanigqokisa kamnandi ngokubomvu, owavunulisa izambatho zenu ngezivunulo zegolide.
Inkosi yakwa -Israyeli noJehoshafati inkosi yakwaJuda babehlezi , kwaba yilowo nalowo esihlalweni sakhe sobukhosi , bembethe izambatho zabo , esibuyeni ngasesikhaleni sesango laseSamariya; bonke abaprofethi baprofetha phambi kwabo.
Inkosi yakwa -Israyeli yathi kuJehoshafati : Ngiyakuziguqula, ngingene ekulweni, kepha wena wembathe izambatho zakho . Yayisiziguqula inkosi yakwa-Israyeli, yangena ekulweni.
Wathi kumphathi wekamelo lezambatho : Zikhiphele zonke izin ceku zikaBali izambatho. Wazikhiphela izambatho.
Inkosi yakwa -Israyeli noJehoshafati inkosi yakwaJuda babehle zi, kwaba yilowo nalowo esihlalweni sakhe sobukhosi , bembethe izambatho zabo , behlezi esibuyeni ngasesikhaleni sesango laseSamariya ; bonke abaprofethi baprofetha phambi kwabo.
Inkosi yakwa -Israyeli yathi kuJehoshafati : Ngiyakuziguqula, ngingene ekulweni, kepha wena wembathe izambatho zakho . Yayisiziguqula inkosi yakwa-Israyeli, bangena ekulweni.
Kungani ukuba izambatho zakho zibomvu , nezingubo zakho zinjengezonyathela esikhamweni sewayini, na?
Isikhamo sewayini ngisinyathele ngingedwa; kwakungekho nami noyedwa kubantu; ngabanyathela ngentukuthelo yami , ngabaciphiza ngokufutheka kwami, negazi labo lasaphazeka ezingutsheni zami , ngazingcolisa zonke izambatho zami.
Zonke izikhulu zolwandle ziyakwehla ezihlalweni zazo zobukhosi , zikhumule izingubo zazo , zihlubule izambatho zazo ezifekethisiweyo , zembathe ukuthuthumela , zihlale emhlabathini, zithuthumele njalonjalo , zimangale ngawe.
Lapho abapristi bengena , abayikuphuma endaweni engcwele ukuya egcekeni elingaphandle, kepha bayakubeka lapho izambatho zabo abakhonze ngazo, ngokuba bayingcwele ; bayakwembatha ezinye izingubo , basondele kulokhu okungokwabantu.
Kuyakuthi lapho bengena emasangweni egceke elin gaphakathi, bembathiswe izambatho zelineni , uboya bezimvu bungabathinti , lapho bekhonza emasangweni egceke elingaphakathi nasendlini.
Lapho bephumela egcekeni elingaphandle , igceke elingaphandle labantu , bayakukhumula izambatho zabo abakhonza ngazo , bazibeke emakamelweni angcwele, bembathe ezinye izingubo, funa bangcwelise abantu ngezambatho zabo.