Iziphambeko zami nezono zami zingakanani na? Ngazise izeqo zami nezono zami.
Lahlani kini zonke izeqo zenu eneqe ngazo , nizenzele inhliziyo entsha nomoya omusha, ngokuba uyakufelani wena ndlu yakwa-Israyeli na?
Bayakuthwala ihlazo l abo nazo zonke izeqo zabo abeqe ngazo kimi , lapho beyakuhlala belondekile ezweni lakubo, kungabikho obesabisayo,
Babusisiwe abathethelelwe izeqo zabo, nabazono zabo zisitshekelwe;