Skip to Content

"izibhebhe"

17 occurrences in ZUL

UJehova wayesethi kuMose : Khuphukela kimi entabeni , uhlale khona , ngikunike izibhebhe zamatshe , nomthetho, nemiyalelo engiyibhalile ukuba ubafundise yona.

Eseqedile ukukhuluma noMose entabeni yaseSinayi wamnika izibhebhe zombili zobufakazi , izibhebhe zamatshe , zilotshiwe ngomunwe kaNkulunkulu.

UMose waphenduka , wehla entabeni enezibhebhe zombili zobufakazi esandleni sakhe , izibhebhe ezazilotshwe nxazombili , zalotshwa ngalapha nangalapha.

Izibhebhe zazingumsebenzi kaNkulunkulu , nokuloba kwakungukuloba kukaNkulunkulu, kuqoshiwe ezibhebheni.

Kwathi esasondela ekamu, wabona ithole nokusina; ulaka lukaMose lwase luvutha, wazilahla izibhebhe ezandleni zakhe, wazaphula phansi kwentaba.

UJehova wathi kuMose : Zibazele izibhebhe ezimbili zamatshe njengezokuqala, ngilobe ezibhebheni amazwi ayesezibhebheni zokuqala owazaphulayo.

Wayesebaza izibhebhe ezimbili zamatshe njengezokuqala ; uMose wavuka ekuseni kakhulu , wakhuphukela entabeni yaseSinayi , njengalokho uJehova emyalile; waphatha ngesandla sakhe izibhebhe ezimbili zamatshe.

Kwathi uMose esehla entabeni yaseSinayi , izibhebhe zombili zobufakazi zisesandleni sikaMose esehla entabeni , uMose wayengazi ukuthi isikhumba sobuso bakhe sasikhazimula ngenxa yokukhuluma kwakhe naye.

Lapho sengikhuphukele entabeni ukuba ngamukele izibhebhe zamatshe , izibhebhe zesivumelwano uJehova asenza nani , ngahlala entabeni izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane ; angidlanga sinkwa, angiphuzanga manzi.

Kwathi ngasekupheleni kwezinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane uJehova wanginika izibhebhe zombili z amatshe, izibhebhe zesivumelwano.

Ngase ngiphenduka ngehla entabeni , intaba yavutha umlilo ; izibhebhe zombili zesivumelwano zazisezandleni zami zombili.

Ngathatha-ke izibhebhe zombili , ngazilahla ezandleni zami zombili , ngazaphula phambi kwamehlo enu.

Ngaleso sikhathi uJehova wathi kimi: Zibazele izibhebhe ezimbili zamatshe njengezokuqala, ukhuphukele kimi entabeni, uzenzele umphongolo womuthi.

Ngase ngenza -ke umphongolo womuthi womtholo , ngabaza izibhebhe ezimbili zamatshe njengezokuqala, ngakhuphukela entabeni nginezibhebhe zombili esandleni sami.

Ngase ngiphend uka ngehla entabeni , ngazifaka izibhebhe emphongolweni engiwenzile; zikhona lapho, njengalokho uJehova ebengiyala. Ukufa kuka-Aroni

Kwakungekho lutho emphongolweni , kuphela izibhebhe ezimbili zamatshe ezabekwa khona nguMose eHorebe , lapho uJehova enza isivumelwano nabantwana bakwa-Israyeli ekuphumeni kwabo eGibithe.

Kwakungekho lutho emphongolweni, kuphela izibhebhe ezimbili zamatshe ezabekwa khona nguMose eHorebe , lapho uJehova enza isivumelwano nabantwana bakwa-Israyeli ekuphumeni kwabo eGibithe.