Skip to Content

"izikhonzi"

19 occurrences in ZUL

Iminikelo yempuphu neminikelo yokuphuzwa inqamukile endlini kaJehova; abapristi, izikhonzi zikaJehova, bayalila.

owenza izingelosi zibe yimimoya, izikhonzi zakhe zibe yilangabi lomlilo.

Kepha nina niyakuthiwa abapristi bakaJehova , niyakubizwa ngokuthi izikhonzi zikaNkulunkulu wethu ; niyakudla imfuyo yezizwe , nizibonge ngodumo lwazo.

khona isivumelwano sami noDavide inceku yami siyakwaphulwa ukuze angabi nandodana yokubusa esihlalweni sakhe sobukhosi , kanye namaLevi abapristi, izikhonzi zami.

Umuthi osendle uyakuthela izithelo zawo , umhlabathi uthele ukudla kwawo, zihlale zilondekile ezweni lazo , zazi ukuthi nginguJehova, lapho sengaphulile izikeyi zejoka lazo , ngazophula esandleni salabo ezenziwa izikhonzi yibo.

Kungokungcwele kwezwe , kungokwabapristi, izikhonzi zendlu engcwele ezisondela ukumkhonza uJehova , kube yindawo yezindlu zabo nendawo engcwele yendlu engcwele.

Izinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu ubude nezinkulungwane eziyishumi ububanzi ziyakuba ngezamaLevi, izikhonzi zendlu, zibe yifa lawo lemizi ukuhlala kuyo.

Wathi kimi: Nazi izindlu zokuphekela izikhonzi zendlu eziyakuphekela kuzo imihlatshelo yabantu.

Abapristi, izikhonzi zikaJehova, mabakhale phakathi kompheme ne -altare, bathi: Hawukela abantu bakho , Jehova, unganikeli isabelo sakho sibe yinhlamba, ukuze abezizwe bababhinqe ; yini ukuba basho phakathi kwabantu, bathi: Uphi uNkulunkulu wabo na?

AbaFarisi bezwa isixuku sikhonona ngalezo zinto ngaye; abapristi abakhulu nabaFarisi base bethuma izikhonzi ukuba zimbambe.

Abanye-ke kubo babethanda ukumbamba ; kepha akubangakho owambeka izandla. Izikhonzi zifuna ukumbamba uJesu

Zafika-ke izikhonzi kubapristi abakhulu nakubaFarisi . Bathi kuzo : Animlethanga ngani na?

Izikhonzi zaphendula zathi : Akuzange kukhulume muntu njengokuba kukhuluma lowo muntu.

UJesu waphendula wathi : Umbuso wami awusiwo owaleli zwe . Uma umbuso wami ubungowaleli zwe , izikhonzi zami zaziyakulwa ukuba nginganikezelwa kubaJuda . Kepha kalokhu umbuso wami awusiwo owalapha.

Kepha izikhonzi ezafika khona azibafumananga etilongweni ; zase zibuyela emuva, zabika

Kepha sekusile, izinduna zathuma izikhonzi, zathi: Bakhulule labo bantu.

Izikhonzi zabikela izinduna lawo mazwi . Zona zesaba sezizwa ukuthi bangamaRoma,

Ngakho akuyinto enkulu , uma nezikhonzi zakhe ziziguqula izikhonzi zokulunga ezikuphela kwazo kuyakuba njengokwemisebenzi yazo.

Ngezingelosi uthi: Owenza izingelosi zakhe zibe yimimoya, izikhonzi zakhe zibe ngamalangabi omlilo.