"izintombi"
27 occurrences in ZUL
Wayesethi uLeya : Yisibusiso sami ! Ngokuba izintombi ziyakungibiza ngokuthi ngingobusisiweyo, waqamba igama layo ngokuthi u-Asheri.
Angithi batholile babelana impango ? Intombi, yebo, izintombi ezimbili endodeni ngayinye ; kuSisera impango yezingubo ezinemibala , impango yezingubo ezinemibala ezifekethisiweyo ; izingubo ezimbili ezinemibala ezifekethisiweyo zezintamo zaba yimpango.
Wayenamadodana angamashumi amathathu ; amadodakazi angamashumi amathathu wawendisa , wathathela amadodana akhe izintombi ezingamashumi amathathu. Wamahlulela u-Israyeli iminyaka eyisikhombisa.
Bafumana phakathi kwabakhileyo eJabeshi Gileyadi izintombi ezintsha ezingamakhulu amane ezingazanga ndoda ngokulala nayo ; baziyisa ekamu eShilo elisezweni laseKhanani.
iminyango ivalwe esitaladini , lapho umsindo wokusila uncipha , umuntu avuke ngezwi lenyoni, izintombi zonke zokuhlabelela zithuliswe;
inkosi imise ababonisi ezifundeni zonke zombuso wakho ukuba babuthele ndawonye zonke izintombi ezibukekayo eShushani endlini yenkosi endlini yabesifazane phansi kwesandla sikaHegayi induna yenkosi , umgcini wabesifazane, zinikwe izinto zazo zokuqhola.
Kwathi lapho izwi lenkosi nesimemezelo sayo sekuzwakele , nalapho izintombi eziningi zibuthene eShushani endlini yenkosi phansi kwesandla sikaHegayi, u-Esteri wangeniswa endl ini yenkosi phansi kwesandla sikaHegayi, umgcini wabesifazane.
Inkosi yamthanda u -Esteri phezu kwabo bonke abesifazane, wafumana umusa nesihe emehlweni ayo kunazo zonke izintombi , wamfaka umqhele wobukhosi, wamenza inkosikazi esikhundleni sikaVashiti.
Izintombi zika-Esteri nezinduna zakhe zafika zamtshela lokho ; inkosikazi yazwiswa kakhulu ubuhlungu ; yathuma izingubo zokumembathisa uMoridekayi, yasusa kuye ingubo yakhe yamasaka; kepha akazamukelanga.
Iyiswa enkosini igqoke izingubo ezifekethisiweyo; izintombi ezingabangane bayo ziyayilandela; ziyiswa kuwe.
Ngaphambili kuhamba abahlabeleli , ngasemuva abashaya ugubhu , ngaphakathi izintombi ezishaya izingubhu.
Amafutha akho anephunga elimnandi ; igama lakho linjengamafutha athululiweyo; ngalokho izintombi ziyakuthanda.
Yiba namahloni wena Sidoni , ngokuba lukhulumile ulwandle , inqaba yolwandle, ngokuthi: Angibanga namihelo , angizalanga, angikhulisanga izinsizwa, angondlanga izintombi.
Izindlela zaseSiyoni ziyalila ngokuba kungeziwa emikhosini emisiweyo; onke amasango achithekile , abapristi balo bayabubula ; izintombi zalo ziyahlupheka, nalo linomunyu.
UJehova ulungile , ngokuba ngihlubukile izwi lakhe . Ake nizwe , bantu bonke, nibone ubuhlungu bami . Izintombi zami nezinsizwa zami ziye ekuthunjweni.
Amalunga endodakazi yaseSiyoni ahlezi emhlabathini, athule; athele uthuli emakhanda awo , abhince indwangu yamasaka . Izintombi zaseJerusalema zithobisela phansi amakhanda azo.
Balele phansi ezitaladini, abasha nabadala. Izintombi zami nezinsizwa zami ziwile ngenkemba . Wababulala ngosuku lwentukuthelo yakho , wabulala ungahawukelanga.
Abayikuthatha umfelokazi nolahliweyo babe ngabafazi babo , kepha bathathe izintombi zozalo lwendlu yakwa -Israyeli, noma umfelokazi ongumfelokazi wompristi.