Skip to Content

"izinwele"

24 occurrences in ZUL

UMose wayesethi ku -Aroni naku -Eleyazare naku -Itamari amadodana akhe : Ningathukululi izinwele zamakhanda enu , ningaklebhuli izambatho zenu ukuba ningafi , ingathukuthelelwa yonke inhlangano , kepha abafowenu , yonke indlu yakwa-Israyeli, mabalilele ukushisa akuphembileyo uJehova.

umpristi wombheka; uma umuna wandile nokwanda esikhumbeni , bheka, umpristi makangafuni izinwele ezimpofu; ungcolile.

Kodwa uma ngokubona kwakhe umuna umi , kumilile kuwo izinwele ezimnyama, umuna usupholile , uhlambulukile; umpristi makasho athi uhlambulukile.

Uma izinwele zomuntu zisukile ekhanda lakhe , uyimpandla; uhlambulukile.

Uma izinwele zisukile ekhanda lakhe ngasebusweni , uyimpandla ebunzini; uhlambulukile.

Onochoko esikuye isifo , maziklejulwe izingubo zakhe , zithukululwe izinwele zakhe, amboze amadevu akhe, akhale athi: Ngingcolile! Ngingcolile!

Oyakuhlanjululwa makahlanze izingubo zakhe , aphucule zonke izinwele zakhe, ageze ngamanzi , ahlambuluke; emva kwalokho uyakungena ekamu , kepha ahlale ngaphandle kwetende lakhe izinsuku eziyisikhombisa.

Kuyakuthi ngosuku lwesikhombisa aphucule zonke izinwele zekhanda lakhe nesilevu sakhe namashiya akhe , yebo, aphucule zonke izinwele zakhe , ahlanze izingubo zakhe, ageze umzimba wakhe ngamanzi, ahlambuluke.

Ongumpristi omkhulu phakathi kwabafowabo , kuthelwe ekhanda lakhe amafutha okugcoba , nowahlukaniselwa ukuba embathe izambatho, akayikuthukulula izinwele zekhanda lakhe, angaklebhuli izambatho zakhe,

umpristi amb eke owesifazane phambi kukaJehova , athukulule izinwele zekhanda lowesifazane, afake umnikelo wempuphu wesikhumbuzo ezandleni zakhe, ongumnikelo wempuphu wesikhwele ; umpristi abe namanzi ababayo esandleni sakhe aveza isiqalekiso.

UmNaziri uyakuphucula ikhanda lobuNaziri bakhe ngasemnyango wetende lokuhlangana, athathe izinwele zekhanda lobuNaziri bakhe, azibeke emlilweni ophansi komhlatshelo weminikelo yokuthula.

Nokho izinwele zekhanda lakhe zaqala ukuhluma futhi esephuculiwe. Isenzo sokugcina sikaSamsoni nokufa nokumbelwa kwakhe

Nxa ephucula ikhanda lakhe ngokuba wayelo khu eliphucula njalo ngasekupheleni komnyaka , lokhu izinwele zakhe zamsinda ; ngalokho waziphucula wazilinganisa izinwele zekhanda lakhe , zalingana namashekeli angamakhulu amabili ngesisindo senkosi.

Susa amehlo akho kimi , ngokuba ayangiphaphathekisa; izinwele zakho zinjengomhlambi wezimbuzi owehla entabeni yakwaGileyadi.

Lapho ngizwa leyo ndaba, ngaklebhula ingubo yami nejazi lami, ngahluthula izinwele zekhanda lami nesilevu sami, ngahlala phansi ngimangele.

Ngabasola ngalokho, ngabathuka, ngashaya abanye abantu, ngabahluthula izinwele, ngabafungisa uNkulunkulu , ngathi: Ninganiki amadodana abo amadodakazi enu, ningathatheli amadodana enu amadodakazi abo.

Bheka, umuhle, sithandwa sami! Bheka, umuhle! Unamehlo amajuba emva kwemvakazi yakho ; izinwele zakho zinjengomhlambi wezimbuz i owehla entabeni yakwaGileyadi.

Gunda izinwele zakho , Jerusalema, uzilahle, wenze isililo emadulini angenalutho, ngokuba uJehova usalile , wasilahla isizukulwane sentukuthelo yakhe.

Wena ndodana yomuntu , zithathele inkemba ebuk hali, uzithathele yona njengempuco yomgundi , uyihambise ekhanda lakho nasesilevini sakho , uzithathele isilinganiso sokulinganisa, wahlukanise izinwele.

Wande njengehlumela lasendle ; wanda, wakhula, wabukeka nokubukeka ; amabele akho aphuhla , izinwele zakho zazimilile , kepha wawunqunu , wawuze.

Ngasona leso sikhathi le nto yagcwaliseka phezu kukaNebukadinesari : waxoshwa kubantu , wadliswa utshani njengezinkabi , umzimba wakhe wamanziswa ngamazolo ezulu, zaze zakhula izinwele zakhe n jengezimpaphe zezinkozi nezinzipho zakhe njengamazipho ezinyoni.

Ngisabheka, kwabekwa izihlalo zobukhosi , kwahlala omdala wezinsuku ; izambatho zakhe zazimhlophe njengeqhwa , izinwele zekhanda lakhe zinjengoboya bezimvu obuhlanzekileyo ; isihlalo sakhe sobukhosi sasingamalangabi omlilo, amasondo aso engumlilo ovuthayo.

nokuthi uma owesifazane enezinwele ezinde , kuludumo kuye na? Ngokuba uphiwe izinwele zibe yisimbozo.

Ukuhloba kwenu makungabi ngokungaphandle , okokwaluka izinwele , nokokufaka igolide, noma okokugqoka izingubo,