Ohamba ekhala izinyembezi , ephethe imbewu yokuhlwanyela, uyakubuya ngokuthokoza, ephethe izinyanda zakhe.
Ovunayo akagcwalisi ngabo isandla sakhe , nobopha izinyanda izingalo zakhe.
Yekani kukhule kokubili ndawonye , kuze kuvunwe; ngesikhathi sokuvuna ngiyakuthi kwabavunayo: Buthani kuqala ukhula, nilubophe izinyanda ukuba lushiswe, nibuthele amabele engotsheni yami.