"izinyembezi"
25 occurrences in ZUL
Buya, uthi kuHezekiya umholi wabantu bami : U sho kanje uJehova uNkulunkulu kaDavide uyihlo , uthi: Ngizwile umkhuleko wakho , ngibonile izinyembezi zakho ; bheka, ngiyakukuphilisa; ngosuku lwesithathu uyakwenyukela endlini kaJehova.
Ngase ngibuye ngabona konke ukucindezela okwenziwa phansi kwelanga ; bheka izinyembezi zabacindezelwayo ; babengenamduduzi. Ohlangothini lwababacindezelayo kwakukhona amandla, kepha bona babengenamduduzi.
Ezitaladini zabo bayabhinca indwangu yamasaka , nasophahleni lwabo nasezigcawini zabo bayaklewula bonke, bamululeka izinyembezi.
Kwathi lapho ngizwa lawo mazwi , ngahlala phansi, ngakhala izinyembezi, ngalila izinsuku ezithile, ngazila ukudla, ngakhuleka phambi kukaNkulunkulu wezulu,
Izinyembezi zami zingukudla kwami imini nobusuku , ngokuba usuku lonke bathi kimi: Uphi uNkulunkulu wakho na?
Ohamba ekhala izinyembezi , ephethe imbewu yokuhlwanyela, uyakubuya ngokuthokoza, ephethe izinyanda zakhe.
Uyakugwinya ukufa kuze kube phakade ; iNkosi uJehova iyakwesula izinyembezi ebusweni bonke, isuse amahloni abantu bakhe emhlabeni wonke, ngokuba uJehova ukhulumile.
Hamba, uthi kuHezekiya : U sho kanje uJehova uNkulunkulu kaDavide uyihlo, uthi: Ngizwile umkhuleko wakho , ngibonile izinyembezi zakho ; ngiyakwenezela ezinsukwini zakho iminyaka eyishumi nanhlanu.
basheshe basikhihlele isililo , ukuze amehlo ethu amululeke izinyembezi , nezinkophe zethu ziphophoze amanzi.
Kepha uma ningalaleli , umphefumulo wami uyakukhala ngasese ngokuzidla kwenu; iso lami liyakukhala nokukhala , limululeka izinyembezi, ngokuba umhlambi kaJehova uthunjiwe.
Kepha uyakusho leli zwi kubo lokuthi : Amehlo ami mahlengezele izinyembezi imini nobusuku , zinganqamuki, ngokuba i ntombi, indodakazi yabantu bami , ilimele ngokulimala okukhulu , ngokushaywa okunzima kakhulu.
Uyakhala nokukhala ebusuku , izinyembezi zawo zisezihla thini zawo ; kawunamduduzi phakathi kwazo zonke izithandwa zawo ; bonke abangane bawo bawuphathe ngenkohliso, sebe yizitha zawo.
Ngiyakhala ngalokhu; iso lami , iso lami liyamululeka izinyembezi , ngokuba umduduzi wami obeyakubuyisa umphefumulo wami ukude nami . Abantwana bami bachithekile, ngokuba isitha sahlulile.
Amehlo ami ayaphela izinyembezi , izibilini zami ziyaxhaphazela ; isibindi sami sithululelwe emhlabathini ngenxa yokuchitheka kwendodakazi yabantu bami, ngokuba izingane nabancelayo bayadangala ezigcawini zomuzi.
Izinhliziyo zabo zikhala eNkosini ; wena lugange lwendodakazi yaseSiyoni , izinyembezi mazehl e njengemifula imini nobusuku . Mawungazivumeli ukuphumula, inhlamvu yeso lakho ingayeki.
baziphucule izimpandla ngenxa yakho , babhince izindwangu zamasaka, bakukhalele izinyembezi ngomunyu womphefumulo.
Lase likhala masinyane iqhude ngokwesibili . UPetru wayesekhumbula izwi abelishilo kuye uJesu lokuthi : Iqhude lingakakhali kabili , uzakungiphika kathathu; wakhala nokukhala izinyembezi.