Uyakuhlinza umnikelo wokushiswa, awuhlahlele izitho.
amadodana ka -Aroni, abapristi, ahlele izitho , nenhloko, namanoni, phezu kwezinkuni ezisemlilweni ophezu kwe-altare,
Alihlahlele izitho nenhloko yalo namanoni alo , umpristi akuhlele phezu kwezinkuni ezisemlilweni ophezu kwe-altare,
Wayeseyihlahlela inyama izitho; uMose washisa inhloko nezitho namanoni.
Anikeza kuye umnikelo wokushiswa izitho ngezitho kanye nenhloko , wakushisa e-altare.
futhi ninganikeli izitho zenu esonweni, zibe yizikhali zokungalungi, kodwa zinikeleni nina kuNkulunkulu njengabaphilayo bevukile kwabafileyo nezitho zenu kuNkulunkulu, zibe yizikhali zokulunga,
Ngikhulumisa okomuntu ngenxa yobuthakathaka benyama yenu . Ngokuba njengalokho nanikela izitho zenu zibe yizinceku zamanyala nezokungalungi kwaba ngukungalungi , kanjalo nikelani manje izitho zenu zibe yizinceku zokulunga kube ngukungcweliswa.
Ngokuba njengalokhu sinezitho eziningi emzimbeni munye , kepha izitho zonke azinamsebenzi munye,
Anazi yini ukuthi imizimba yenu iyizitho zikaKristu na ? Pho, ngithathe izitho zikaKristu, ngizenze izitho zesifebe na? Qha nakanye.
Kepha kalokhu uNkulunkulu umisile izitho zonke, yileso naleso emzimbeni ngokuthanda kwakhe.
Kepha kalokhu izitho ziningi, kodwa umzimba munye.
ukuze kungabikho ukwahlukana emzimbeni , kepha izitho zonke zinakekelane ngokufanayo.
Uma kuhlupheka isitho sinye , kuhlupheka izitho zonke kanye naso ; uma kudunyiswa isitho sinye, kujabula izitho zonke kanye naso.