Ukumesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha ; iziwula ziyadelela ukuhlakanipha nokulaywa.
Koze kube nini iziwula zithanda ubuwula , nezideleli zijabula ukudelela , neziwula zizonda ukwazi, na?
Abahlakaniphileyo bayakudla ifa lodumo , kepha iziwula ziyakuphiwa ihlazo.
Izindebe zolungileyo ziyondla abaningi , kepha iziwula ziyafa ngokuswela ingqondo.
Isifiso esigcwalisiweyo simnandi emphefumulweni , kepha ukudeda ebubini kuyisinengiso kuzo iziwula.
Iziwula ziyadelela umnikelo wecala , kepha phakathi kwabaqotho wamukelekile.
Kuludumo kumuntu ukuhlala kude nokuxabana , kepha zonke iziwula ziyaphikisana.
Izikhulu zaseSowani ziphendukile iziwula , izikhulu zaseNofi zikhohlisiwe ; balidukisile iGibithe abangamatshe amagumbi ezizwe zalo.