UJayire indodana kaManase wahamba wathatha imizana yalo , wayibiza ngokuthi iHawoti Jayire.
UJayire indodana kaManase wathatha sonke isifunda sase -Arigobi kuze kube semkhawulweni wamaGeshuri nowamaMahakhathi, wasibiza -- lona iBashani -- ngegama lakhe ngokuthi iHawoti Jayire kuze kube namuhla.
Wayenamadodana angamashumi amathathu agibela amathole ezimbongolo angamashumi amathathu ; ayenemizi engamashumi amathathu ethiwa iHavoti Jayire kuze kube namuhla, esezweni lakwaGileyadi.