Skip to Content

"kahamani"

9 occurrences in ZUL

Wayesethi uHaribona , enye yezinduna ezaziphambi kwenkosi : Bheka, umuthi okuphakama kwawo kuyizingalo ezingamashumi ayisihlanu, uHamani ayewenzele uMoridekayi owakhuluma kahle ngenkosi , umi endlini kaHamani. Inkosi yathi: Mphanyekeni kuwo.

Ngalolo suku inkosi u -Ahashiveroshi yanika u -Esteri, inkosikazi, indlu kaHamani isitha sabaJuda. UMoridekayi weza phambi kwenkosi, ngokuba u- Esteri wayeselandile ukuthi uyini naye.

Inkosi yakhumula indandatho yayo ebiyisusile kuH amani, yayinika uMoridekayi. U-Esteri wambeka uMoridekayi phezu kwendlu kaHamani.

Wathi: Uma kukuhle enkosini , noma ngifumene umusa phambi kwayo , noma le nto ilungile phambi kwenkosi , uma ngithandeka emehlweni ayo , makulotshwe ukuba zibuyiswe izincwadi zamacebo kaHamani indodana kaHamedatha umAgagi azilobayo ukuba bachithwe abaJuda abasezifundeni zenkosi;

Inkosi u-Ahashiveroshi yathi ku-Esteri, inkosikazi, nakuMoridekayi, umJuda: Bhekani, nginike u -Esteri indlu kaHamani ; yena bamphanyekile emthini , ngokuba wabeka isandla sakhe kubaJuda.

amadodana ayishumi kaHamani indodana kaHamedatha, isitha sabaJuda, kepha ababekanga izandla zabo empangweni.

Inkosi yayisithi ku -Esteri inkosikazi : AbaJuda babulele bac hitha abantu abangamakhulu ayisihlanu eShushani endlini yenkosi namadodana ayishumi kaHamani; pho, benzeni kwezinye izifunda zenkosi ? Isicelo sakho siyini ? Uyakusenzelwa. Yini oyifunayo na? Kuyakwenziwa.

U-Esteri wathi : Uma kukuhle enkosini , abaJuda abaseShushani mabavunyelwe nakusasa ukwenza njengomthetho wanamuhla , aphanyekwe amadodana ayishumi kaHamani emthini.

Inkosi yasho ukuba kwenziwe kanjalo ; umthetho washaywa eShushani ; bawaphanyeka amadodana ayishumi kaHamani.