Skip to Content

"kajerubali"

7 occurrences in ZUL

Abenzanga umusa kuyo indlu kaJerubali onguGideyoni njengakho konke okuhle ayekwenzile ku-Israyeli.

U-Abimeleki indodana kaJerubali waya kuba fowabo bakanina, wakhuluma kubo nomndeni wonke wendlu kayise kanina, wathi:

Ake nikhulume ezindlebeni zabo bonke abantu baseShekemi, nithi: Yikuphi okuhle kini ukuba onke amadodana kaJerubali angabantu abangamashumi ayisikhombisa anibuse nokuba nibuswe n gumuntu munye na ? Khumbulani ukuthi mina ngiyithambo lenu nenyama yenu.

Waya endlini kayise e -Ofira, wabulala abafowabo , amadodana kaJerubali, abantu abangamashumi ayisikhombisa etsheni linye , kepha kwasala uJothamu indodana encinyane kaJerubali, ngokuba wacasha.

ukuba ubudlo va obenziwe kuwo amadodana angamashumi ayisikhombisa kaJerubali bufike , negazi labo libekwe phezu kuka -Abimeleki umfowabo owababulala, naphezu kwabaseShekemi abaqinisa izandla zakhe ukuba abulale abafowabo.

UGali indodana ka-Ebedi wathi: Ngubani u-Abimeleki, ngubani uShekemi, ukuba simkhonze, na? Akasiyo indodana kaJerubali, noZebule yinduna yakhe na? Khonzani abantu bakaHamori uyise kaShekemi. Thina siyakumkhonzelani yena na?

UNkulunkulu wabuyisela bonke ububi babantu baseShekemi emakhanda abo, behlelwa yisiqalekiso sikaJothamu indodana kaJerubali.