"kajese"
21 occurrences in ZUL
Abesifazane abakhelene naye bametha igama , bathi: Kuzelwe indodana kuNawomi. Baqamba igama lakhe ngokuthi u -Obede; yena unguyise kaJese , uyise kaDavide. URuthe ukhokho kaDavide
Kwaphendula enye insizwa , yathi: Bheka, ngibonile indodana kaJese waseBetlehema eyazi ukubetha , eyiqhawe elinamandla , eyindoda yempi nehlakaniphile ekukhulumeni, ebukeka, emuhle futhi; uJehova unayo.
Amadodana amathathu amakhulu kaJese ayemlandele uSawule ukuya empini; amagama amadodana akhe amathathu ayeyile empin i ayengu - Eliyabe izibulo, emelamayo ngu-Abinadaba, neyesithathu nguShama.
Kwathi ngangomuso emva kokwethwasa kwenyanga ngolwesibili indawo kaDavide yayiyize ; uSawule wathi kuJonathani indodana yakhe : Indodana kaJese ayifikanga ngani ekudleni nayizolo nanamuhla na?
Intukuthelo kaSawule yayisimvuthela uJonathani , wathi kuye : Wena ndodana yowesifazane owonakeleyo nohlubukileyo , angazi yini ukuthi ukhethile indoda na kaJese kube yihlazo lakho nehlazo lobunqunu bukanyoko, na?
Ngokuba izinsuku zonke indodana kaJese isekhona emhlabeni awuyikuzinza nombuso wakho . Ngalokho thumela umlethe kimi , ngokuba ungowokufa yena.
USawule wathi ezincekwini zakhe ezazimi ngakuye : Yizwani nina bakwaBenjamini; indodana kaJese iyakuninika nonke amasimu nezivini , inenze nonke nibe yizinduna zezinkulungwane nezinduna zamakhulu,
ngokuba ningenzele nonke ugobe , akwababikho ongitshelileyo lapho indodana yami yenza isivumelwano nendodana kaJese , akwababikho kini ongidabukelayo nongitshelayo ukuthi indodana yami ingivusele inceku yami ukuba ingiqamekele njenganamuhla.
UDowegi wakwa-Edomi owayemi ngakuzo izinceku zikaSawule waphendula wathi: Ngabona indodana kaJese iza eNobi ku -Ahimeleki indodana ka - Ahithubi.
USawule wathi kuye : Ningenzeleleni ugobe , wena nendodana kaJese , ngokuyinika isinkwa nenkemba , uyibuzele kuNkulunkulu ukuba ingivukele , ingiqamekele njenganamuhla, na?
UNabali waziphendula izinceku zikaDavide , wathi: Ngubani uDavide na ? Ngubani indodana kaJese na ? Namuhla kukhona izinceku eziningi ezeqa emakhosini azo.
Kwakukhona umuntu omubi ogama lakhe lalinguSheba indodana kaBikri umBenjamini; wabetha icilongo , wathi: Asinasabelo kuDavide , asinafa endodaneni kaJese; yiyani nonke ematendeni enu, Israyeli.
Lawa angamazwi okugcina kaDavide . UDavide indodana kaJese uthi , umuntu owaphakanyiselwa phezulu uthi , ogcotshiweyo kaNkulunkulu kaJakobe nomhlabeleli omnandi wakwa-Israyeli usho ukuthi:
Wonke u-Israyeli esebonile ukuthi inkosi ayibalalelanga, abantu babuyisela izwi enkosini , bathi: Sinasabelo sini kuDavide na? Ifa asinalo endodaneni kaJese. Yana ematendeni akho , Israyeli, zibhekele indlu yakho manje , Davide. Wayesesuka u-Israyeli, waya ematendeni akhe.
Kwase kwehla umoya phezu kuka -Amasayi owayeyinhloko yabangamashumi amathathu, wathi: Singabakho thina, Davide, sinawe, wena ndodana kaJese ; ukuthula, ukuthula makube nawe , ukuthula makube nabakusizayo, ngokuba uNkulunkulu wakho uyakusiza . Wayesebamukela uDavide, wabenza izinhloko zeviyo.
Wonke u-Israyeli esebonile ukuthi inkosi ayibalalelanga , abantu babuyisela izwi enkosini , bathi: Sinasabelo sini kuDavide na ? Ifa asinalo endodaneni kaJese. Yilowo nalowo makaye etendeni lakhe , Israyeli; zibhekele indlu yakho manje, Davide. Wayesesuka u-Israyeli wonke, waya ematendeni akhe.