Kwathi bonke ababemazi kuqala sebebona ukuthi waprofetha nabaprofethi, abantu bathi omunye komunye : Kuyini lokhu okwehlele indodana kaKishi na? Kanti naye uSawule uphakathi kwabaprofethi na?
Wayesesondeza isizwe sakwaBenjamini ngemindeni yabo , kwadliwa umndeni wakwaMatri ; kwadliwa uSawule indodana kaKishi ; kepha lapho bebemfuna, akafunyanwanga.
Amadodana kaMerari abafowabo ayengakwesokunene : ngu-Ethani kaKishi ka-Abidi kaMaluki
Nampa abafika kuDavide eSikilagi esagogobele ebusweni bukaSawule indodana kaKishi; babe phakathi kwamaqhawe, abasizi bakhe empini.
U-Eleyazare wafa engenamadodana , enamadodakazi odwa ; abafowabo, amadodana kaKishi, bawathatha.
KuKishi, kungamadodana kaKishi: nguJerameli.
kanye nakho konke uSamuweli umboni , noSawule indodana kaKishi , no- Abineri indodana kaNeri , noJowabe indodana kaS eruya ababekungcwelisile; yilowo nalowo owayengcwelisile okuthile , kwaba phansi kwesandla sikaShelomoti nabafowabo.
Kwakukhona umuntu womJuda eShushani endlini yenkosi ogama lakhe lalinguMoridekayi kaJayire kaShimeyi kaKishi wakwaBenjamini,