Amehlo kaLeya ayebuthakathaka , kepha uRaheli wayemuhle ngesimo , ebukeka kahle.
UZilipa incekukazi kaLeya wamzalela uJakobe indodana.
UZilipa incekukazi kaLeya wamzalela indodana yesibili.
UDina, indodakazi kaLeya amzalela yona uJakobe , waphuma ukuyobona amadodakazi alelo zwe.
Amadodana kaLeya ayenguRubeni, izibulo likaJakobe, noSimeyoni, noLevi, noJuda, no-Isakare, noZebuloni.
Amadodana kaZilipa incekukazi kaLeya ayengoGadi no -Asheri; lawo angamadodana kaJakobe awazalelwa ePhadani Aramu.
Yilawo angamadodana kaLeya amzalela wona uJakobe ePhadani Aramu kanye noDina indodakazi yakhe ; yonke imiphe fumulo yamadodana akhe namadodakazi akhe yayingamashumi amathathu nantathu.