Skip to Content

"kaneriya"

8 occurrences in ZUL

nganikela incwadi yokuthenga kuBaruki indodana kaNeriya kaMahaseya ngaphambi kukaHanameli indodana kababekazi naphambi kofakazi ababelobe incwadi yokuthenga naphambi kwabo bonke abaJuda ababehlala egcekeni letilongo.

Sengiyinike uBaruki indodana kaNeriya incwadi yokuthenga ngakhuleka kuJehova, ngathi:

UJeremiya wayesebiza uBaruki indodana kaNeriya ; uBaruki waloba emqulwini wencwadi onke amazwi kaJehova ayewakhulume kuye , ewathatha emlonyeni kaJeremiya.

UBaruki indodana kaNeriya wenza njengakho konke uJeremiya umprofethi amyala ngakho, efunda encwadini amazwi kaJehova endlini kaJehova.

Ngalokho zonke izikhulu zathuma uJehudi indodana kaNethaniya kaShelemiya kaKushi kuBaruki , zathi: Umqulu owufundileyo ezindlebeni zabantu wuthathe ngesandla sakho , uze nawo . UBaruki indodana kaNeriya wawuthatha umqulu ngesandla sakhe, weza kuzo.

abesilisa, nabesifazane, nabantwana, namadodakazi enkosi , nabo bonke abantu uNebuzaradani induna yab alindi ayebashiyile kuGedaliya indodana ka-Ahikamu kaShafani, noJeremiya umprofethi, noBaruki indodana kaNeriya,

Izwi uJeremiya , umprofethi, alikhuluma kuBaruki, indodana kaNeriya , ekulobeni kwakhe lawa mazwi encwadini, ewathatha emlonyeni kaJeremiya, ngomnyaka wesine kaJehoyakimi , indodana kaJosiya , inkosi yakwaJuda , lokuthi:

Izwi uJeremiya umprofethi ayala ngalo uSeraya indodana kaNeriya kaMakhaseya ekuhambeni kwakhe noSedekiya inkosi yakwaJuda eya eBabele ngomnyaka wesine wokubusa kwakhe . USeraya wayeyisikhulu sezindawo zokuphumula.