"kanjani"
161 occurrences in ZUL
U-Isaka wathi kuyo indodana yakhe : Kwenzeke kanjani ukuba usheshe kangaka ukuyithola , ndodana yami , na? Wathi: Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyenze ukuba ize phambi kwami.
ayinkulu kunami kule ndlu ; futhi ayingigodlelanga lutho ngaphandle kwakho kuphela , ngokuba ungumkayo ; pho, ngingenza kanjani lobo bubi obungaka, ngone kuNkulunkulu na?
Bathi: Wabuza nokubuza lowo muntu ngathi nangezihlobo zethu , wathi: Usekhona uyihlo na ? Ninomunye umfowenu na ? Samlandisa njengalawa mazwi; sasingakwazi kanjani ukuba uyakuthi: Yehlisani umfowenu, na?
Bheka, imali esayifumana emilonyeni yamasaka ethu sayibuyisa ezweni laseKhanani, sayiletha kuwe; pho, besingeba kanjani endlini yenkosi yakho isiliva noma igolide na?
Wathi uJuda : Sizakuthini enkosini yami na ? Sizakukhulumani? Sizakuzihlanguza kanjani ? UNkulunkulu ufumene ububi bezinceku zak ho; bheka, siyizigqila zenkosi yami thina naye etholakele esandleni sakhe indebe.
Ngokuba ngingakhuphukela kanjani kubaba , umfana engenami , funa ngibone okubi okuzakumehlela ubaba, na?
UMose wakhuluma ebusweni bukaJehova , wathi: Bheka, abantwana bakwa-Israyeli abangilalelanga ; uFaro angangilalela kanjani , nginezindebe zomlomo ezingasokwanga, na?
Wayesethi uMose ebusweni bukaJehova: Bheka, ngingowezindebe zomlomo ezingasokiwe; uFaro angangilalela kanjani na?
Kepha wathi: Ake ungasishiyi; njengokuba uyazi ukuthi siyakumisa kanjani ehlane, uyakuba ngamehlo ethu.
xwaya ukuba ungacushwa ukuzilandela sezichithiwe phambi kwakho , ungabuzi ngawonkulunkulu bazo , uthi: Lezi zizwe zik honza kanjani onkulunkulu bazo na? Nami ngiyakwenza kanjalo.
Emunye angaxosha kanjani inkulungwane; ababili bangabhengula kanjan i izinkulungwane eziyishumi , uma iDwala labo lingathengisanga ngabo , uJehova ebengabakhapheli, na?
Amadoda akwa-Israyeli athi kumaHivi : Mhlawumbe nakhile phakathi kwethu; singenza kanjani isivumelwano nani na?
Wayesethi kuye: Ungasho kanjani ukuthi uyangithanda, nxa inhliziyo yakho ingenami na ? Usudlale ngami kathathu , awungitshelanga ukuthi amandla akho aphi.
Abantwana bakwaBenjamini bezwa ukuthi abantwana bakwa -Israyeli babenyukele eMispa. Bathi abantwana bakwa-Israyeli: Sitsheleni ukuthi lobu bubi benziwa kanjani na?
AmaFilisti abiza abapristi nababhuli , athi: Siyakwenze njani ngomphongolo kaJehova na? Saziseni ukuthi singawubuyisela kanjani endaweni yawo.
Kepha abantu ababi bathi : Uyakusisindisa kanjani lowo na ? Bamdelela, abamnikanga isipho. Kepha wathula.
Wathi uSamuweli : Ngingahamba kanjani ? Uma uSawule ekuzwa , uyakungibulala. UJehova wathi: Hamba nesithokazi, uthi: Ngize ukuhlabela uJehova.
UDavide wathi kuleyo nsizwa eyamtshelayo : Wazi kanjani ukuthi oSawule noJonathani indodana yakhe bafile na?
U-Abineri wabuye wathi ku -Asaheli: Chezuka ekungilandeleni; yini ukuba ngikucekele phansi na ? Ngingaphakamisa kanjani ubuso bami ngakuJowabe umfowenu na?
Esefikile kuye u -Uriya, uDavide wabuza kuye impilo yakhe , nempilo yabantu, nokuthi impi ihamba kanjani.
Kwathi ngosuku lwes ikhombisa umntwana wafa . Izinceku zikaDavide zesaba ukumtshela ukuthi umntwana ufile , ngokuba zathi : Bhekani, umntwana esezwa sakhuluma kuye , akalalelanga izwi lethu ; pho, singamtshela kanjani ukuthi umntwana ufile? Angenza ingozi.
U-Ahimahasi indodana kaSadoki wabuye wathi kuJowabe : Noma kanjani, ake ngigijime nami , ngimlandele umKushe . Kepha uJowabe wathi : Uyakugijimelani wena mntanami , lokhu kungekho mvuzo wombiko kuwe , na?
Wathi: Noma kanjani, ake ngigijime. Wathi kuye: Gijima. Wayesegijima u- Ahimahasi ngendlela yasethafeni, wamdlula umKushe.
Ezinye izindaba zikaJerobowamu , ukuthi walwa kanjani nokuthi wabusa kanjani, bheka, zilotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli.
Induna inkosi eyencika esandleni sayo yaphendula umuntu kaNkulunkulu , yathi: Bheka, uma uJehova enza amafasitele ezulwini , le nto ingenzeka kanjani na ? Wathi: Bheka, uyakukubona ngamehlo akho , ungadli kukho kodwa. Abanochoko basemnyango waseSamariya. Ukubaleka kwama-Aramu
Kepha besaba kakhulu impela , bathi: Bheka, amakhosi amabili awemanga phambi kwakhe; pho, thina singema kanjani na?
Pho, ungaphindisela emuva kanjani nenduna eyodwa ezincekwini ezincane zenkosi yami na ? Nokho wethemba iGibithe ukuthola khona izinqola nabamahhashi.
UDavide wamesaba uNkulunkulu ngalolo suku; wathi: Ngizakuletha kanjani umphongolo kaNkulunkulu kimi na?
Ngikhumulile isambatho sami , ngingasifaka kanjani ? Ngigezile izinyawo zami, ngingazingcoliselani na?
ngokuba ngingakubuka kanjani okubi okuyakufica isizwe sakithi , noma ngingakubuka kanjani ukuchithwa kwezihlobo zami na?
Ngiyaphephela kuJehova; nisho kanjani kuwo umphefumulo wami ukuthi : Balekela entabeni yenu njengenyoni, na?
Ngaphenya enhliziyweni yami ukuba ngiyakuthokozisa kanjani umzimba wami ngewayini , inhliziyo ingihole nokho ngokuhlakanipha , nokuba ngibambe ubuwula, ngize ngibone ukuthi kuyini okuhle kumadodana abantu ukuba akwenze phansi kwezulu ezinsukwini zonke zokuphila kwawo.
Ungasho ukuthi : Kwenziwa kanjani ukuba izinsuku zokuqal a zazizinhle kunalezi na? Ngokuba awubuzi kanjalo ngokuhlakanipha.
Izikhulu zaseSowani ziyiziwula impela , nesiluleko sabalulek i abahlakaniphileyo bakaFaro siphendukile ubuwula ; ningasho kanjani kuFaro ukuthi: Mina ngiyindodana yabahla kaniphileyo, ngiyindodana yamakhosi asendulo, na?
Abakhileyo kuleli elingasogwini bayakuthi ngalolo suku : Bheka, linjalo ithemba lethu esabalekela kulo ukuba sisizwe , sophulwe enkosini yase - Asiriya; pho-ke, thina siyakuphunyuka kanjani na?
Pho, ungaphindisela emuva kanjani ne nduna eyodwa ezincekwini ezincane zenkosi yami na ? Nokho wethemba iGibithe ukuthola khona izinqola nabamahhashi.
Mina ngakutshala ungumvini omuhle , imbewu elungileyo yodwa ; pho, uphenduke kanjani waba yigatsha elonakeleyo kimi , elomvini wabezizwe , na?
Ungasho kanjani ukuthi : Angingcolile, angilandelanga oBali , na? Bheka indlela yakho esigodini , wazi ukuthi wenzeni : uyikamela lensikazi elinejubane, elizulazula ezindleleni zalo,
Mina bengithi: Ngiyakukubeka kanjani phakathi kwabantw ana, ngikuphe izwe elinxanelekayo , ifa elihle kakhulu ezizweni ! Ngathi: Niyakungibiza ngokuthi Baba , ningabuyi ekungilandeleni.
Ngingakuthethelela kanjani na ? Abantwana bakho bangishiyile , bafunga okungesibo onkulunkulu. Ngabafungisa, kepha baphinga, babuthana endlini yezifebe.
Ningasho kanjani , nithi: Sihlakaniphile, umthetho kaJehova unathi , na? Impela bheka, uthi lokuloba lwamanga lwababhali lusebenzile okwamanga.
Uma ugijimile nemigundatshani , yakukhathaza, ungancintisana kanjani namahhashi na? Uma wethemba ezweni lokuthula kuphela, uyakwenze njani ekukhukhumaleni kweJordani na?
Zambuza uBaruki, zathi: Ake usitshele ukuthi wawaloba kanjani onke lawa mazwi, uwathatha emlonyeni wakhe, na?
Wena ndodana yomuntu , yisho kuyo indlu yakwa -Israyeli, uthi: Nisho kanje, nithi: Impela iziphambeko zethu nezono zethu ziphez u kwethu , siyonda ngenxa yazo; pho, siyakuphila kanjani na?
Inceku enje yenkosi yami ingakhuluma kanjani nenkosi yami enje na ? Ngokuba mina , khona lapho akusalanga mandla kimi , nokuphefumula bekungasekho kimi.
Ngingakunikela kanjani , Efrayimi, ngikukhaphele, Israyeli, na? Ngingakwenza kanjani ube njenge -Adima, ngikubeke ufane neSeboyimi , na? Inhliziyo iyaphenduka phakathi kwami, sonke isihawu sami sivusiwe.
Kwathi lapho sesidlile utshani bezwe, ngathi: Nkosi Jehova, ake uthethelele; uJakobe uyakuma kanjani, ngokuba mncane.
Nginithandile, usho uJehova. Nokho nithi: Usithande kanjani na? U-Esawu akasiye umfowabo kaJakobe na? usho uJehova. Ngamthanda uJakobe,
Indodana idumisa uyise , nenceku inkosi yayo ; uma ngingu yise, kuphi ukudunyiswa kwami ? Uma ngiyinkosi , kuphi ukwesatshwa kwami ? usho uJehova Sebawoti , kinina bapristi enilidelela igama lami . Nokho nithi : Silidelele kanjani igama lakho na?
Nimkhathazile uJehova ngamazwi enu . Nokho nithi: Simkhathaze kanjani? Ngokusho ukuthi : Bonke abenza okubi bahle emehlweni kaJehova ; yena uthokoza ngabo, noma: Uphi uNkulunkulu wokwahlulela na?
Kusukela emihleni yawoyihlo nichezukile ezimisweni zami , anizigcinanga. Buyelani kimi , ngiyakubuyela kini , usho uJehova Sebawoti . Nokho nithi : Siyakubuyela kanjani?
Umuntu angaphanga uNkulunkulu na ? Nokho niyangiphanga . Bese nithi : Sikuphange kanjani na? Ngokweshumi nangeminikelo.
Nikhathazekelani ng esambatho na ? Qaphelani iminduze yasendle ukuthi imila kanjani; kayikhandleki, kayiphothi;
Ungasho kanjani kumfowenu ukuthi : Ake ngikhiphe ucezwana olusesweni lakho; bheka, ugongolo lusesweni lakho.
Kepha kuyakuthi , nxa benikhaphela , ningakhathazeki ngokuthi niyakukhuluma kanjani nokuthi niyakuthini , ngokuba niyakuphiwa ngaso leso sikhathi eniyakukukhuluma.
Futhi umuntu angangena kanjani endlini yesiqhwaga , aphange impahla yaso, uma engabophi kuqala isiqhwaga, andukuba aphange indlu yaso, na?
Nzalo yezinyoka , ningakhuluma kanjani okuhle nibabi na ? Ngokuba umlomo ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.
Wayesethi kubo : Nempela u -Eliya uyeza kuqala ukuba abuyisele konke ; kepha kulotshiwe kanjani ngeNdodana yomuntu ukuthi izakuhlupheka ngokuningi, idelelwe, na?
Abapristi abakhulu nababhali bekuzwa lokho bazindla ngokuthi bangambhubhisa kanjani , ngokuba babemesaba, lokhu isixuk u sonke samangala ngokufundisa kwakhe.
Khona uJesu efundisa ethempelini wabuza wathi : Basho kanjani ababhali ukuthi uKristu uyindodana kaDavide na?
UDavide uqobo lwakhe umbiza ngokuthi iNkosi . Pho, uyindodana yakhe kanjani na? Ukusolwa kwababhali (Math. 23: 1; Luk. 20: 45) Isixuku esikhulu sasimuzwa ngokujabula.
Engafumani ukuthi angamngenisa kanjani ngenxa yesixuku akhwela phezu kwendlu, amehlisa ophahleni kanye nohlaka ngaphakathi phambi kukaJesu.
Ungasho kanjani kumfowenu ukuthi : M fowethu, ake ngikhiphe ucezwana olusesweni lakho, wena ongaboni ugongolo olukwelakho iso , na? Mzenzisi, khipha kuqala ugongolo olukw elakho iso, yikhona uyakubonisisa ukukhipha ucezwana olusesweni lomfowenu.
Ngakho-ke anobheka ukuba nizwa kanjani ; ngokuba yilowo nalowo onakho uyakuphiwa ; kepha lowo ongenakho uyakwamukwa nalokho athi unakho. Izihlobo eziyizo zikaJesu (Math. 12:46; Mark. 3:31)
NoSathane, uma ehlukene yedwa , umbuso wakhe uyakuma kanjani na ? lokhu nithi ngikhipha amademoni ngoBelzebule.
Kepha nxa beniqhubela emasinagogeni , nakubabusi, nakuzo iziphathimandla, ningakhathazeki ngokuthi niyakuziphendulela kanjani nangokuthini, nokuba niyakukhulumani,
Bhekani iminduze ukuthi imila kanjani ; ayiphothi, ayaluki, kepha ngithi kini noSolomoni ebukhazikhazini bakhe bonke wayengembathisile okomunye wayo.
Abapristi abakhulu nababhali bafuna ukuba bangambulala kanjani; ngokuba babesaba abantu. Umvuzo wokumkhaphela uJesu (Math. 26:14; Mark. 14:10)
Base belanda nabo okwenzekileyo endleleni , nokuthi yaziwa kanjani yibo ekuhlephuleni isinkwa. Ukuzibonakalisa kukaJesu kubafundi bonke (Mark. 16:14; Joh. 20:19)
UNikodemu wathi kuye : Umuntu angazalwa kanjani esemdala na ? Angangena ngokwesibili esiswini sikanina, azalwe, na?
Bathi-ke: Lona akusiye uJesu indodana kaJosefa , uyise nonina sibazi na ? Usesho kanjani, pho, ukuthi: Ngehle ezulwini, na?
Bamphendula bathi : Siyinzalo ka-Abrahama thina , asibonange sibe yizigqila zamuntu; wena usho kanjani ukuth i: Nizakuba ngabakhululekileyo na?
Khona nabaFarisi futhi bambuz a ukuthi ukuthole kanjani ukubona . Wathi kubo: Waninda amehlo ami ngodaka, ngageza, sengiyabona.
Ngakho abanye kubaFarisi bathi : Lona kaveli kuNkulunkulu , lokhu engagcini isabatha . Abanye bathi : Umuntu oyisoni angazenza kanjani izibonakaliso ezinje na? Kwaba khona ukwahlukana phakathi kwabo.
Bababuza bathi: Lo uyindodana yenu enithi ngayo yazalwa iyimpumputhe na? Pho, isibona kanjani manje na?
kepha ukuthi usebona kanjani kalokhu asazi, nokuthi ngubani ovule amehlo akhe asazi; mbuzeni yena, usekhulile, uzozikhulumela yena.
Ngakho isixuku samphendula sathi : Sizwile emt hethweni ukuthi uKristu uyakuma phakade ; usho kanjani wena ukuthi iNdodana yomuntu imelwe ukuphakanyiswa na? Ingubani le Ndodana yomuntu na?
UJesu wathi kuye : Isikhathi esingaka nginani , awukangazi, Filiphu, na? Ongibonile mina ubonile uBaba; usho kanjani ukuthi: Sikhombise uYihlo, na?
Khona sebebalayile futhi babayeka , bengafumananga ukuthi bangabajezisa kanjani ngenxa yabantu , ngokuba bonke bedumisa uNkulunkulu ngalokho okwenzekileyo;
Yona yathi: Ngingakwazi kanjani, uma kungekho ongiholayo na? Yamnxusa uFiliphu ukuba akhwele ahlale nayo.
Wayesebaqhweba ngesandla ukuba bathule , wabalandisa ukuthi iNkosi imkhiphe kanjani etilongweni , wathi: Bikelani uJakobe nabazalwane lokhu . Wayesephuma, waya kwenye indawo.
Emva kwezinsuku ezithile uPawulu wayesethi kuBarnaba : Ake sibuye , sihambele abazalwane emizini yonke ngaminye esashumayela kuyo izwi leNkosi, sibone ukuthi bahlezi kanjani.
Kuthe mina ngisakhohliwe ukuthi leyo n daba ngizakuyihlola kanjani , ngathi angathanda yini ukuya eJerusalema ukuba ahlulelwe khona ngalezo zinto.
Pho, kwabalelwa kanjani na? Esesokile yini noma engakasoki na? Akubanga esesokile, kodwa engakasoki.
Yena ongayigodlanga eyakhe iNdodana , kepha wayinikela ngenxa yethu sonke, kungaba kanjani ukuba angasiphi konke kanye nayo na?
Kepha bayakukhuleka kanjani kuye abangakholwanga nguye na ? Bayakukholwa kanjani abangezwanga ngaye na ? Bayakuzwa kanjani , kungekho oshumayelayo na?
Bayakushumayela kanjani , uma bengathunywa na ? Njengokulotshiweyo ukuthi: Yeka, zinhle izinyawo zabashumayela izindaba ezinhle.
Ngokomusa kaNkulunkulu engiwuphiweyo , njengenyanga yokwakha ehlakaniphileyo ngabeka is isekelo, omunye wakha phezu kwaso . Kepha akube yilowo nalowo aqaphele ukuthi wakha kanjani phezu kwaso.
Kepha ngifuna ukuba ningabi nakukhathaz eka. Ongaganiwe ukhathalela okweNkosi ukuba angayithokozisa kanjani iNkosi.
wahlukene phakathi. Nongaganile oyintombi ukhathalela okweNkosi, ukuze abe ngcwele emzimbeni nasemoyeni ; kepha oganileyo ukhathalela okwezwe ukuba angayithokozisa kanjani indoda yakhe.
Nezinto ezingenamphefumulo ezikhalayo , noma igenkle noma ihabhu , uma zingakhali ngokwahlukeneyo , kuzakwaziwa kanjani okubethwa ngegenkle nangehabhu na?
Kanjalo nani , uma ningakhiphi izwi elichachileyo ngolimi , kuzakwaziwa kanjani okukhulunywayo na? Ngokuba niyakube nikhuluma emoyeni.
Uma kungenjalo , nxa ubonga ngomoya , lowo osesikhundleni sabangafundile angasho kanjani ukuthi Amen ekubongeni kwakho na , lokhu engakwazi okushoyo?
Kepha-ke uma uKristu eshunyayelwa ukuthi uvusiwe kwabafileyo , basho kanjani abanye phakathi kwenu ukuthi akukho ukuvuka kwabafileyo na?
Kepha kuthe sengibonile ukuthi kabahambisi ngokweqiniso levangeli , ngathi kuKhefase phambi kwabo bonke : Uma wena ongumJuda uhamba ngokwabezizwe, ungahambi ngokwabaJuda , ubaphoqa kanjani abezizwe ukuba bahambe ngokwabaJuda na?
Ngakho-ke bhekisisani ukuthi nihamba kanjani , kungabi njengabangahlakaniphile kepha njengabahlakaniphileyo,
Akusikho ukuthi ngisho maqondana nokuswela , ngokuba mina ngifundile ukuba nganeliswe noma ngihlezi kanjani.
Ngokuba bona uqobo balanda ngathi ukuthi kwaba njani ukungena kwethu kinina nokuthi naphendu kela kanjani kuNkulunkulu , nishiya izithombe , ukuba nikhonze uNkulunkulu ophilayo oweqiniso,
Nina ningofakazi , naye uNkulunkulu, bokuthi sahlala kanjani phakathi kwenu nina enikholwayo ngobungcwele, nangokulunga, nangokungasoleki,
Elokugcina-ke, bazalwane, siyaninxusa, siyaniyala ngeNkosi uJesu ukuba njengalokho nakwamukela kithi ukuthi nifanele ukuhamba nokumthokozisa kanjani uNkulunkulu , njengalokho nihamba kanjalo , manivame kakhulu kulokho.
Ngokuba nani niyazi ngokwenu ukuthi kufanele ukuba nisilingise kanjani , ngokuba asihambanga ngokungafanele phakathi kwenu,
kepha u ma umuntu engakwazi ukuphatha owakhe umuzi , angaliphatha kanjani ibandla likaNkulunkulu na? --
kepha uma ngilibala , khona uyakwazi ukuthi kumelwe ukuba abantu bahambe kanjani endlini kaNkulunkulu eyibandla likaNkulunkulu ophilayo, insika nesisekelo seqiniso.
thina siyakuphunyuka kanjani, uma sidebesela ukusindiswa okungaka na? -- okwakhulunywa kuqala ngeNkosi, kwaqiniswa kithina yilabo abamuzwayo,