Kepha leyo nto yaba mbi emehlweni kaSamuweli , lapho bethi: Siphe inkosi ukuba isahlulele. USamuweli wayesekhuleka kuJehova.
USawule wayesewela phan si ngekhanda, wesaba kakhulu ngenxa yamazwi kaSamuweli, akwabakho mandla kuye , ngokuba akadlanga lutho ngosuku lonke nobusuku bonke.
Amadodana kaSamuweli: izibulo nguJoweli, nowesibili ngu-Abiya.
Yilaba ababemi namadodana abo : kumadodana amaKohati : nguHemani, umhlabeleli, kaJoweli kaSamuweli
Alenziwanga iphasika elinjengalelo kwa -Israyeli kusukela emihleni kaSamuweli umprofethi , nawo onke amakhosi akwa -Israyeli awenzanga iphasika elinjengalelo elenziwa nguJosiya, nabapristi, namaLevi, naye wonke uJuda no-Israyeli owayekhona, kanye nabakhileyo eJerusalema.