Skip to Content

"kasikhombisa"

35 occurrences in ZUL

Kepha uJehova wathi kuye : Ngalokho obulala uKayini uyakuphindiselwa kasikhombisa. UJehova wabeka uphawu kuKayini , funa omfumanayo ambulale.

Yebo, uKayini uyakuphindiselwa kasikhombisa, kepha uLameka kamashumi ayisikhombisa, aphindwe kasikhombisa.

Yena uqobo wadlulela phambi kwabo , wakhothamela emhlabathini kasikhombisa, waze wafika kumfowabo.

umpristi agcobhoze umunwe wakhe egazini , afafaze ngegazi kasikhombisa phambi kukaJehova, ngaphambi kwesihenqo sendlu engcwele.

Umpristi uyakugcobhoza umunwe wakhe egazini , afafaze ngalo kasikhombisa phambi kukaJehova phambi kwesihenqo.

Wafafaza ngawo i-altare kasikhombisa , waligcoba i -altare kanye nezitsha zonke zalo, nomcengezi nesinqe sawo, ukuba kungcweliswe.

amfafaze kasikhombisa oya kuhlanjululwa ochokweni lwakhe , asho athi uhlambulukile, ayiyeke inyoni ezwayo, iphumele endle.

umpristi agcobhoze umunwe wakhe wokunene emafutheni asesan dleni sakhe sokhohlo , afafaze ngamafutha phambi kukaJehova kasikhombisa ngomunwe wakhe.

umpristi athele amafutha entendeni yesakhe isandla sokhohlo kasikhombisa;

umpristi afafaze ngamafutha asesandleni sakhe sokhohlo kasikhombisa phambi kukaJehova ngomunwe wakhe wokunene;

athabathe umsedari nehisopi nendwangu ebomvu nenyoni ezwayo , akugcobhoze egazini lenyoni ehlatshiweyo nasemanzini agobhozayo , afafaze indlu kasikhombisa,

athabathe kulo igazi lenkunzi , afafaze ngalo isihlalo somusa ngasempumalanga ngomunwe wakhe , nangaphambi kwesihlalo somusa afafaze ngegazi kasikhombisa ngomunwe wakhe.

Uyakulifafaza ngegazi kasikhombisa ngomunwe wakhe , alihlambulule, alingcwelise ekungcoleni kwabantwana bakwa-Israyeli.

Uyakuzibalela amasabatha ayisikhombisa eminyaka , iminyaka eyisikhombisa iphindwe kasikhombisa , kube kuwe izin suku zamasabatha ayisikhombisa eminyaka , kube yiminyaka engamashumi amane nesishiyagalolunye.

Kepha uma ningangilaleli nangalezo zinto , ngiyakubuye nginishaye kasikhombisa ngezono zenu.

Uma nihamba niphambene nami , ningangilaleli, ngiyakubuye nginehlisele izinhlupheko ziphindwe kasikhombisa njengezono zenu.

nami ngiyakuhamba ngiphambene nani , nginishaye, yebo, mina, kasikhombisa ngezono zenu.

nami ngiyakuhamba ngiphambene nani ngokufutheka , ngikushaye kasikhombisa ngezono zakho.

u-Eleyazare umpristi uyakuthabatha igazi laso ngomunwe wakhe , afafaze kasikhombisa ngaphambi kwetende lokuhlangana ngegazi laso,

Abapristi abayisikhombisa bayakuthwala amacilongo ayisikhombisa ejubili phambi komphongolo ; ngosuku lwesikhombisa niyakuwuzungeza umuzi kasikhombisa, abapristi babethe amacilongo.

Kwathi ngosuku lwes ikhombisa bavuka ukuntwela kokusa , bawuzungeza umuzi ngandlelanye kasikhombisa; ngalolo suku kuphela bawuzungeza umuzi kasikhombisa.

Ngokuba olungileyo angawa kasikhombisa , abesebuye avuke, kepha ababi bayakukhubeka ngobubi.

Wathi encekwini yakhe : Khuphuka, ubheke ngaselwandle . Yakhuphuka, yabheka, yathi: Akukho lutho. Wayesethi: Phinda kasikhombisa.

Wayesebuya, wahambahamba khona endlini, waya emuva, waya phambili; wakhuphuka, wakhothama phezu kwakhe ; umntwana w athimula kasikhombisa; umntwana wavula amehlo akhe.

U-Elisha wathuma isithunywa kuye ngokuthi : Hamba ugeze kasikhombisa eJordani; kuyakuthi inyama ibuyele kuwe, uhlambuluke.

Wayesehla, wazicwilisa kasikhombisa eJordani njengezwi lomuntu kaNkulunkulu; inyama yakhe yabuya yaba njengenyama yomntwana omncane, wahlambuluka.

Amazwi kaJehova angamazwi ahlanzekileyo , anjengesiliva elihlanjululwe esithandweni emhlabathini, lihlanjululwe kasikhombisa.

Buyisela kubakhelwane bethu , kuphindwe kasikhombisa esifubeni sabo inhlamba abakuhlambalaza ngayo, Nkosi.

Kasikhombisa ngosuku ngiyakudumisa ngezahlulelo zokulunga kwakho.

Uma efunyanwa , uyakubuyisa kasikhombisa , anikeze yonke impahla yendlu yakhe.

Futhi ukukhanya kwenyanga kuyakuba njengokukhanya kwelanga , nokukhanya kwelanga kuyakuphindwa kasikhombisa njengokukhanya kwezimini eziyisikhombisa ngosuku uJehova abopha ngalo amanxeba abantu bakhe, aphulukise izilonda zemivimbo yabo. Ukunqotshwa kwe-Asiriya

Khona uNebukadines ari wagcwala ukufutheka , nesimo sobuso bakhe saguquka ngenxa yoShadiraki , noMeshaki, no-Abedi Nego ; wakhuluma wayaleza ukuba isithando somlilo sishiswe kasikhombisa ngaphezu kwalokho okuke kwabonwa sishiswa ngakho.

Khona kwasondela uPetru , wathi kuye: Nkosi, umfowethu uyakungona kangaki, ngimthethelela, na? Kuze kube kasikhombisa na?

UJesu wathi kuye : Angisho kuwe ukuthi kuze kube kasikhombisa kodwa kuze kube kamashumi ayisikhombisa aphindwe kasikhombisa.

Noma ekonela kasikhombisa ngosuku , abuyele kuwe kasikhombisa , ethi: Ngiyaphenduka, womthethelela.