U-Isaka watshala kulelo zwe , wathola ngawona lowo mnyaka okuphindwe kayikhulu, ngokuba uJehova wambusisa.
Wayesethi uJowabe enkosini : UJehova uNkulunkulu wakho makenezele kubantu kuphindwe kayikhulu phezu kwalokhu abayikho , kubonwe ngamehlo enkosi yami, inkosi; kepha inkosi yami, inkosi, yenamelelani le nto na?
UJowabe wathi: UJehova makenezele kubantu bakhe, kuphindwe kayikhulu phezu kwalokhu abayikho; kepha, nkosi yami, nkosi, abasizo izinceku zenkosi yami bonke na ? Inkosi yami ifunelani le nto na ? Iyakuba yicala ngani ku - Israyeli na?
ngangokuba i soni, noma senza okubi kayikhulu , kuyandiswa nokho izinsuku zaso. Kanti nokho ngiyazi ukuthi kuzakuba kuhle kwabamesabayo uNkulunkulu, lokhu besaba phambi kobuso bakhe;