"kayise"
67 occurrences in ZUL
UJakobe wayesemtshela uRaheli ukuthi ungumfowabo kayise nokuthi uyindodana kaRebeka; wagijima, watshela uyise.
Le nsizwa ayilibalanga ukwenza lokho , ngokuba yayethabela indodakazi kaJakobe; yayinodumo kunabo bonke abendlu kayise.
Lokhu kuyindaba kaJakobe . UJosefa eseneminyaka eyishumi nesikhombisa wawalusa umhlambi kayise enabafowabo; engumfana nje wayekuwo amadodana kaBiliha nakuwo amadodana kaZilipa omkayise; uJosefa waletha kuyise imibiko emibi ngabo.
Kuyise wathuma kanje : izimbongolo eziyishumi, zithwesiwe izinto ezinhle zaseGibithe, nezimbongolokazi eziyishumi , zithwesiwe amabele , nesinkwa, nomphako kayise endleleni.
U-Israyeli wasuka nakho konke okwakhe , wafika eBeri Sheba , wanikela iminikelo kuNkulunkulu kayise u-Isaka.
UJosefa wathi kubafowabo nakuyo indlu kayise : Ngizakukhuphuka, ngimtshele uFaro , ngithi kuye : Abafowethu nendlu kababa ababesezweni laseKhanani sebefike kimi.
UJosefa wamondla uyise , nabafowabo, nendlu yonke kayise ngokudla ngokwemilomo yezingane zabo. Izwe laseGibithe nabantu abakulo babekwa phansi kukaFaro nguJosefa
nendlu yonke kaJosefa , nabafowabo, nendlu kayise ; bashiya ezweni laseGosheni izingane zabo, nezimvu zabo, nezinkomo zabo kuphela.
U-Amramu wazithathela uJokebedi udadewabo kayise , abe ngumkakhe ; wamzalela o-Aroni noMose; iminyaka yokuhamba kuka-Amramu yayiyikhulu namashumi amathathu nesikhombisa.
Uma umuntu ethatha udadewabo , indodakazi kayise noma indodakazi kanina, abone ubunqunu bakhe , naye abone ubunqunu bakhe , kuyihlazo; bayakunqunywa phambi kwabantwana b abantu bakubo ; wambulile ubunqunu bukadadewabo; uyakuthwala ububi bakhe.
Kepha uma indodakazi yompristi ingumfel okazi noma ingolahliweyo ingenamntwana, bese yibuyela endlini kayise njengasebusheni bayo, iyakudla isinkwa sikayise; kepha umfokazi makangasidli.
Kanye nani kuzakuba khona indoda ibe nye kuleso naleso sizwe , yileyo naleyo ibe yinhloko yendlu kayise.
Yilabo ababalwayo, ababalwa nguMose nangu -Aroni kanye nezikhulu zakwa-Israyeli, zingamadoda ayishumi nambili, kwaba yileyo naleyo yamela indlu kayise.
Isikhulu sendlu kayise wemindeni yamaMerari sasinguSuriyeli indodana ka- Abihayili; bayakumisa eceleni kwetabernakele ngasenyakatho.
Lapho umuntu eyakubamba umfowabo endlini kayise ethi: Wena unengubo, yiba ngumbusi wethu, le ncithakalo ibe phansi kwesandla sakho,
Khuluma kubantwana bakwa -Israyeli, uthabathe kubo izintonga , ibe nye kuleyo naleyo ndlu kayise , kuzo zonke izikhulu njengezindlu zawoyise , izintonga eziyishumi nambili ; loba wena igama lalowo nalowo muntu entongeni yakhe.
Igama lendoda yakwa -Israyeli eyabulawa, eyabulawa kanye nowesifazane wakwaMidiyani, lalinguZimri indodana kaSalu , isikhulu sendlu kayise phakathi kwabakwaSimeyoni.
Igama lowesifazane wakwaMidiyani owabulawa lalinguKozibi indodakazi kaSuri owayeyinhloko yabantu bendlu kayise kwaMidiyani.
Uma owesifazane enza isithembiso kuJehova , azibophe ngesibopho esithile esendlini kayise, esemusha,
Yilezo izimiso uJehova ayala ngazo uMose phakathi kwendoda nomkayo , naphakathi kukayise nendodakazi yakhe isentsha endlini kayise.
Agana emindenini yamadodana kaManase indodana kaJosefa , nefa lawo lahlala esizweni somndeni kayise.
bayakuyikhiphela intombi ngasemnyango wendlu kayise , amadoda omuzi ayikhande ngamatshe ize ife , ngokuba yenzile ubuwula kwa -Israyeli, ifeba endlini kayise; kanjalo uyakukhipha ububi phakathi kwakho.
Makaqalekiswe olala nomkayise , ngokuba wambulile umphetho wengubo kayise. Bonke abantu bayakusho ukuthi: Amen.
Makaqalekiswe olala nodadewabo , indodakazi kayise noma indodakazi kanina. Bonke abantu bayakusho ukuthi: Amen.
Kepha uRahabi isifebe , nabendlu kayise , nabo bonke anabo , uJoshuwa wabasindisa; uhlala phakathi kuka-Israyeli kuze kube namuhla , lokhu wathukusa izithunywa uJoshuwa azithuma ukuba zihlole iJeriko.
nezikhulu eziyishumi kanye naye , isikhulu sibe sinye ngendlu kayise ezizweni zonke zakwa -Israyeli, yileso naleso siyinhloko yendlu kayise phakathi kwemindeni yakwa-Israyeli.
UGideyoni wayesethatha amadoda ayishumi ezincekwini zakhe , wenza njengalokho uJehova ekhulumile kuye; kwathi lokhu ebesaba abendlu kayise nabantu bomuzi ukuba angakwenzi emini, wakwenza ebusuku.
U-Abimeleki indodana kaJerubali waya kuba fowabo bakanina, wakhuluma kubo nomndeni wonke wendlu kayise kanina, wathi:
Waya endlini kayise e -Ofira, wabulala abafowabo , amadodana kaJerubali, abantu abangamashumi ayisikhombisa etsheni linye , kepha kwasala uJothamu indodana encinyane kaJerubali, ngokuba wacasha.
UMoya kaJehova wafika kuye ngamandla , wehlela e-Ashikeloni, wabulala abantu abangamashumi amathathu kubo , wathatha isambatho sabo , wabanika abayiqandele imfumbe izingubo zokuphendulela. Intukuthelo yakhe yavutha, wenyukela endlini kayise.
Base behla a bafowabo nayo yonke indlu kayise , bamthatha, bamenyusa, bammbela phakathi kweSo ra ne -Eshitawoli ethuneni likaManowa uyise . Wamahlulela u-Israyeli iminyaka engamashumi amabili.
Isancinza sakhe samgilela ubufebe , sasuka kuye , saya endlini kayise eBetlehema Juda, sahlala khona isikhathi esiyizinyanga ezine.
Umyeni waso wasuka, wasilandela ukuba akhulume kuyo inhliziyo yaso , asibuyise, enenceku yakhe nezimbongolo ezimbili; samngenisa endlini kayise; lapho uyise wentombi embona, wathokoza ukuhlangana naye.
Abantu bakwa -Israyeli bathi : Nimbonile lowo muntu o wenyukile na ? Ngokuba wenyukile ukuyakweyisa u-Israyeli; kuyakuthi umuntu ombulalayo, inkosi imcebise ngengcebo enkulu , imnike indodakazi yayo , iyenze indlu kayise ibe ngekhululekile kwa-Israyeli.
UDavide wayesesuka khona , wabaleka, waya emhumeni wase -Adulamu; lapho abafowabo nabo bonke abendlu kayise bekuzwa, behlela khona kuye.
Inkosi yayisithumela ukubiza u -Ahimeleki umpristi, indodana ka-Ahithubi, nendlu yonke kayise, abapristi ababeseNobi; beza bonke enkosini.
Wenza okubi emehlweni kaJehova, wahamba ngendlela kayise, nangendlela kanina, nangendlela kaJerobowamu indodana kaNebati ayonisile u-Israyeli.
Amadodana kaRubeni , izibulo lika -Israyeli ngokuba wayeyizibulo ; kepha njengokuba wangcolisa umbhede kayise , ubuzibulo bakhe banikwa amadodana kaJosefa indodana ka -Israyeli, futhi akabhalwa ngezizukulwane njengezibulo.
UShalumi kaKore ka -Ebiyasafa kaKora , nabafowabo bendlu kayise , amaKorahi, babephethe umsebenzi wenkonzo , bengabalindisango etabernakele; oyise babemele ikamu likaJehova bengabalindisango.
UJahati wayeyinhloko , noZiza ngowesibili ; kepha oJewushe noBeriya babengenamadodana amaningi; ngalokho baba yindlu inye kayise , bebalwa kanyekanye.
Naye uShemaya indodana yakhe wazalelwa amadodana ayebusa indlu kayise, ngokuba ayengamaqhawe anamandla.
UJehoramu esemile embusweni kayise , eseziqinisile, wabulala bonke abafowabo ngenkemba kanye nabathile bezikhulu zakwa-Israyeli.
nime endaweni engcwele njengamaqembu ezindlu zawoyise babafowenu , abantu besizwe, yilelo nalelo libe nesigaba sendlu kayise yamaLevi.
Ngiyakumbethelisa okwesipikili endaweni eqinileyo , abe yisihlalo sobukhosi esikhazimulayo endlini kayise.
Bayakuphanyeka phezu kwakhe lonke udumo lwendlu kayise , inzalo nabantwana, zonke izitsha ezincane, imicengezi nezinkamba.
Agciniwe amazwi kaJonadaba indodana kaRekabi ayala ngawo amadodana akhe okuba angaphuzi iwayini; kuze kube namuhla awaliphuzanga, ngokuba alalela umyalo kayise. Nami ngikhulume kini, ngikhuluma njalonjalo, kepha kaningilalelanga.
Njengokuba amadodana kaJonadaba indodana kaRekabi egcinile umyalo kayise awayala ngawo, kepha laba bantu bengangilalelanga.
Bheka, yonke imiphefumulo ingeyami , umphefumulo kayise njengomphefumulo womntwana; ingeyami; umphefumulo owonayo uyakufa.
Omunye wenzile isinengiso nomkamakhelwane wakhe; omunye ungcolisile ngobufebe umalokazana wakhe ; omunye wonile phakathi kwakho udadewabo, indodakazi kayise.
Ngokuba iNdodana yomuntu iyakuza ngenkazimulo kaYise kanye nezingelosi zayo; khona-ke iyakuvuza yilowo nalowo ngesenzo sakhe.
Yiyiphi kulawa amabili eyenza intando kayise na ? Bathi kuye: Eyokuqala. UJesu wathi kubo : Ngiqinisile ngithi kini : Abathelisi nezifebe bangena phambi kwenu embusweni kaNkulunkulu.
Ngokuba yilowo nalowo onezinhloni ngami nangamazwi ami kulesi sizukulwane esiphingayo nesonakeleyo , neNdodana yom untu iyakuba nezinhloni ngaye , lapho iza ngenkazimulo kaYise kanye nezingelosi ezingcwele.
Ngaleso sikhathi kwazalwa uMose , waba muhle kuNkulunkulu ; wondliwa izinyanga ezintathu endlini kayise;