Lawa angamagama abo : Owesizwe sakwaRubeni : uShamuwa indodana kaZakuri.
kanye nam adodana athile abapristi ephethe amacilongo : uZakariya kaJonathani, kaShemaya, kaMathaniya, kaMikhaya, kaZakuri, ka-Asafa,
Ngabeka abaphathizikhwama phezu kwengcebo : nguShelemiya umpristi , noSadoki umbhali , noPhedaya wamaLevi ; eceleni kwabo kwakunguHanani kaZakuri kaMathaniya , ngokuba kwat hiwa bathembekile; babeyakwabela abafowabo.