Amadodana kaPhedaya : ngoZerubabele noShimeyi ; amadodana kaZerubabele: ngoMeshulamu noHananiya uShelomiti wayengudadewabo
Wonke u -Israyeli wayesenika emih leni kaZerubabele nasemihleni kaNehemiya abahlabeleli nabalindisango izabelo njengokufunekayo imihla ngemihla; bakungcwelisela amaLevi , namaLevi akungcwelisela amadodana ka-Aroni.
Yayisithatha isho kimi , ithi: Lokhu kuyizwi likaJehova kaZerubabele lokuthi: Kungabi ngempi , kungabi ngamandla , kepha kube ngomoya wami kuphela, usho uJehova Sebawoti.
UJehova wavuselela umoya kaZerubabele indodana kaSheyalitiyeli, umbusi wakwaJuda, nomoya kaJoshuwa indodana kaJehosadaki , umpristi omkhulu, nomoya wensali yonke y abantu, bafika, benza umsebenzi endlini kaJehova Sebawoti, uNkulunkulu wabo,