Klewulani, ngokuba usuku lukaJehova lusondele ; njengencithakalo evela kuSomandla luyafika.
Isiprofetho ngeTire . Klewulani nina , Mikhumbi yaseTharishishi , ngokuba lichithekile; indlu ayisekho , nokungena akusenakwenzeka ; kwambulelwe kubo kuvela ezweni laseKitimi.
Welani niye eTharishishi; klewulani nina enakhileyo ngasogwini.
Klewulani nina mikhumbi yaseTharishishi , ngokuba inqaba yenu ichithekile.