Kwathi ngosuku lwesithathu sekusile, kwaba khona ukuduma nokunyazima kombani, nefu elinzima phezu kwentaba, nezwi lecilongo elizwakala kakhulu; bonke abantu abasekamu bathuthumela.
Bonke abantu babona ukuduma nokunyazima kombani , nezwi lecilongo , nentaba ithunqa; kwathi abantu sebebonile, bathuthumela, bema kude.