UNkulunkulu wenza umkhathi , wahlukanisa amanzi aphansi komkhathi namanzi aphezu komkhathi; kwaba njalo.
Phansi komkhathi amaphiko azo ayeqondene , elinye nelinye, yileso naleso sinamabili embesa imizimba yazo ngalapha, sinamabili embesa ngalapha.
Kwavela izwi phezu komkhathi owawuphezu kwamakhanda azo ; ekumeni kwazo zawehlisa amaphiko azo.
Phezu komkhathi owawuphezu kwamakhanda azo kwakunjengokungathi isihlalo sobukhosi , isimo saso s injengetshe lesafire . Phezu kokwakunjengesihlalo sobukhosi kwakukhona okufana nomuntu phezu kwaso ngaphezulu.