Zibilini zami , zibilini zami , nginobuhlungu enhliziyweni yami ; inhliziyo yami ikhala phakathi kwami , anginakuthula, ngokuba ulizwile, mphefumulo wami, izwi lecilongo, ukuhlatshwa komkhosi wempi.
Kwathi ngaphambi komkhosi wePhasika uJesu azi ukuthi isikhathi sakhe sesifikile ukuba amuke kuleli zwe , aye kuYise , ebathandile abakhe abasezweni wabathanda kwaze kwaba sekupheleni.