Wathi uLabani : Akwenziwa njalo endaweni yakithi ukuba kuganiswe omncane ngaphambi komkhulu.
Wena ndodana yomuntu, profetha, ushayanise izandla, inkemba iphindwe kathathu, ibe ngeyababulawayo nenkemba yokubulawa komkhulu, ibahaqe.
Abasayikufundisa kube yilowo nalowo owakubo , nalowo umfowabo , ngokuthi: Yazi INkosi; ngokuba bonke bayakungazi, kusukela komncane kuze kufike komkhulu wabo.