Skip to Content

"kubekwe"

8 occurrences in ZUL

Lokhu kuyisimiso somthetho uJehova ayalile ngaso ukuthi : Yisho kubantwana bakwa -Israyeli ukuba balethe kuwe isithole esibomvu esingenasici, singenansolo, okungazange kubekwe ijoka phezu kwaso,

Umpristi wayesemnika isinkwa esingcwele , ngokuba kwakungekho sinkwa lapho, isinkwa sokubukwa kuphela , ebesisusiwe phambi kukaJehova ukuba kubekwe isinkwa esisashisayo mhla sisuswa.

Ngokuba kumnandi, uma ukugcina phakathi kwakho, kubekwe kanyekanye ezindebeni zakho.

Walungisa igumbi phakathi endlini ukuba kubekwe khona umphongolo wesivumelwano sikaJehova.

Bheka, ngiyakhela igama likaJehova uNkulunkulu wami indlu ukuba ngimngcwelisele yona , ngishise ph ambi kwakhe impepho ethaphukayo , kubekwe njalo izinkwa zokubukwa , kunikelwe ngeminikelo yokushiswa ekuseni nakusihlwa ngamasabatha , nangokwethwasa kwenyanga , nangemikhosi emisiweyo kaJehova uNkulunkulu wethu . Lokhu kungumthetho kwa-Israyeli kuze kube phakade.

Kwesokunene sayo kukhona inkatho iJerusalema ukuba kubekwe izinqama zokungqubuza, kuvulwe umlomo ngokumemeza, kuphakanyiswe izwi ngokukhala, ukuze kubekwe izinqama zokungqubuza emasangweni , kunqwatshelwe amaduli, kwakhiwe izinqaba.

Noma uphakama njengokhozi, kubekwe isidleke sakho phakathi kwezinkanyezi, ngiyakukwehlisa khona, usho uJehova.

Khona ngakuleyo ndawo , lapho wayebethelwe khona esiphambanweni , kwakukhona insimu , nasensimini kukhona ithuna elisha okwakungazange kubekwe muntu kulo.