Skip to Content

"kubi"

30 occurrences in ZUL

Kwaba kubi emehlweni kaJehova lokho akwenzileyo ; wambulala naye futhi.

Wabona uJosefa ukuthi uyise wabeka isandla sakhe sokunene ekhanda lika- Efrayimi, kwaba kubi emehlweni akhe ; wasibamba isandla sikayise ukuba asisuse ekhanda lika-Efrayimi, asibeke ekhanda likaManase.

Akayikuhlola, uma kuhle noma kubi , angakwenani ngokunye; kepha uma ngempela ekwenana ngokunye , lokhu nalokho akwenana ngakho kuyakuba ngcwele; akuyikuhlengwa.

Maye komubi ! Kuyakuba kubi kuye , ngokuba uyakubuyiselwa izenzo zezandla zakhe.

funa uJehova akubone, kube kubi emehlweni akhe, asuse intukuthelo yakhe kuso.

Ngalokho suka , ukhulume kahle ezincekwini zakho , ngokuba ngifunga uJehova ngithi, uma ungaphumi, akuyikusala muntu kuwe ngalobu busuku; lokhu kuyakuba kubi kuwe kunakho konke okubi okukwehlele kwasebusheni bakho kuze kube namuhla.

Kwaba kubi emehlweni kaNkulunkulu; ngalokho washaya u-Israyeli.

Kubi lokhu kukho konke okwenziwa phansi kwelanga ukuthi bonke behlelwa yinto inye ; ngalokho izinhliziyo zamadodana abantu zigcwele ububi, nobuhlanya busezinhliziyweni zabo besekhona , andukuba baye kwabafileyo.

Kepha lapho umHoroni , uSanibalati, noThobiya inceku yakwa -Amoni sebezwile lokho , kwaba kubi kakhulu kubo ukuthi kufike umuntu ukufuna inhlalakahle ka-Israyeli.

Kwaba kubi kakhulu kimi; ngalahla phandle zonke izinto zendlu kaThobiya zikhishwe ekamelweni.

Bamcunula ngasemanzini aseMeriba; kwaba kubi kuMose ngenxa yabo.

Kubi, kubi, kusho umthengi; kepha esehambile uyazigabisa.

Ngokuba uNkulunkulu uyakuyis a uyakuyisa yonke imisebenz i ekwahlulelweni kanye nakho konke okufihliweyo, noma kuhle noma kubi.

Iqiniso lisilele; osuka ebubini uzenza impango ; uJehova wakubona lokho , kwaba kubi emehlweni akhe ukuthi ukwahlulela akukho.

Ngokuba ngibhekise ubuso bami kulo muzi kube kubi , kungabi kuhle, usho uJehova; uyakunikelwa esandleni senkosi yaseBabele, iwushise ngomlilo.

Ngokuba izwe ligcwele iziphingi ; izwe liyadabuka ngenxa yesiqalekiso; amadlelo asehlane omile. Ukuhamba kwabo kubi, namandla abo awalungile.

Kepha aningi lalelanga, usho uJehova , naze nangicunula ngemisebenzi yezandla zenu, kwaba kubi kini.

Hamba ukhulume ku -Ebedi Meleki umKushe , uthi: U sho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Bheka, ngiyakwehlisela amazwi ami kulo muzi kube kubi, kungabi kuhle, abe ngaphambi kwakho ngalolo suku.

Ngalokho usho ka nje uJehova Sebawoti , uNkulunkulu ka -Israyeli, uthi: Bheka, ngiyakubhekisa ubuso bami kini kube kubi, kunqunywe uJuda wonke.

Bheka, ngiyabalinda kube kubi , kungabi kuhle; bonke abantu bakwaJuda abasezweni laseGibithe bayakuphela ngenkemba nangendlala, baze baqedwe.

Lesi siyakuba yisibonakaliso kini , usho uJehova , U kuthi ngiyakunijezisa kule ndawo ukuba nazi ukuthi amazwi ami ayakuma amelane nani kube kubi.

Noma beya ekuthunjweni phambi kwezitha zabo , ngiyakubiza inkemba ukuba iphume khona , ibabulale, ngibeke amehlo ami kub o kube kubi , kungabi kuhle.

Kepha lokho kwaba kubi kakhulu kuJona, wathukuthela.

Ngokuba bheka , luyeza usuku , luvutha njengeziko ; bonke abaziqhenyayo nabo bonke abenza o kubi bayakuba ngamabibi ; luyakubashisa lolo suku oluzayo, usho uJehova Sebawoti, lungabashiyeli mpande nagatsha.

Abesehamba-ke, abuye nabanye omoya abayisikhombisa ababi kunaye , bangene bahlale khona ; kuthi ukugcina kwalowo muntu kuba kubi kunokuqala. Kuyakuba njalo nakulesi sizukulwane esibi. Izihlobo eziyizo zikaJesu (Mark. 3:31; Luk. 8:19)

Khona abesehamba , azithathele abanye omoya abayisikhombisa ababi kunaye, bangene bahlale lapho, ukugcina kwalowo muntu kube kubi kunokwakuqala.

Izwi laphind a lasho kuye ngokwesibili, lathi: Lokho akuhlambululile uNkulunkulu, ungasho wena ukuthi kubi.

Ungawuchithi umsebenzi kaNkulunkulu ngenxa yokudl a. Konke kuhlanzekile, kepha kubi kulowo muntu okudla ekhubeka.

Kepha manje niyazibonga ngokuzigabisa kwenu ; konke ukuzigabisa okunjalo kubi.

Ngokuba uma bebuye bahilelwe, bahlulwe yikho, sebebalekele ukungcola kwezwe ngokuyazi iNkosi noMsindisi uJesu Kristu , khona ukugcina kwabo kubi kunokuqala.