Imifula iyakunuka , imifudlana yaseGibithe iyakuncipha , yome, kubune umhlanga nebungu.
Thana: Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Uyakuphumelela na? Aluyikusiphula izimpande zawo , lunqume izithelo zawo , ukuze ubune , kubune onke amaqabunga ahlumelelayo , bese kungafuneki amandla amakhulu nabantu abaningi ukuwusiphula ngezimpande zawo, na?