Skip to Content

"kudaniyeli"

8 occurrences in ZUL

Induna yabathenwa yathi kuDaniyeli : Mina ngiyesaba ukuthi inkosi yami , inkosi, emisile ukudla kwenu nokuphuza kwenu , iyakubona ubuso benu ukuba buxhozekile kunabafana abayintanga yenu , nilifake engozini ikhanda lami enkosini.

Khona yabonakaliswa imfihlakalo kuDaniyeli ngombono ebusuku . UDaniyeli wambonga uNkulunkulu wasezulwini.

Inkosi yaphendula , yathi kuDaniyeli, ogama lakhe lalinguBeliteshasari : Ungangazisa iphupho engilibonileyo nencazo yalo na?

Inkosi uNebukadinesari yayisiwa ngobuso, yakhuleka kuDaniyeli, yayaleza ukuba banikele ngomnikelo nangempepho kuye.

Khona uDaniyeli wangeniswa phambi kwenkosi . Inkosi yakhuluma, yathi kuDaniyeli: Wena unguDaniyeli lowo ongowabathunjwa bakwaJuda , abalethwa yinkosi ubaba, bevela kwaJuda na?

Lapho inkosi isizwile lawa mazwi , yadabuka kakhulu , yayibeka inhliziyo yayo kuDaniyeli ukuba imkhulule , yazama ukumophula kwaze kwaba sekushoneni kwelanga.

Yayisiyaleza inkosi , walethwa uDaniyeli , waphonswa emphandwini wezingonyama. Inkosi yakhuluma , yathi kuDaniyeli : UNkulunkulu wakho omkhonza njalo uyakukukhulula.

Kwathi isisondele emphandwini k uDaniyeli, yamemeza ngezwi elikhalayo ; inkosi yakhuluma , yathi kuDaniyeli : Daniyeli, wena nceku kaNkulunkulu ophilayo, uNkulunkulu wakho omkhonza njalo angakukhulula kuzo izingonyama na?