Skip to Content

"kude"

99 occurrences in ZUL

Makube kude nawe ukwenza ngale ndlela , ukubulala olungileyo kanye nomubi, olungileyo abe njengomubi ; lokhu makube kude nawe ; umahluleli womhlaba wonke ubengayikwenza ukulunga na?

U-Isaka uyise waphendula, wathi kuye: Bheka, umuzi wakho uyakuba kude namanoni omhlaba namazolo ezulu avela phezulu.

Esephumile emzini , engakabi kude , uJosefa wathi encekwini yakhe : Suka ulandele lawo madoda ; nxa uwafica, yisho kuwo ukuthi : Niphindiseleni okuhle ngokubi na?

Ayesethi kuyo: Inkosi yami ikhulumelani amazwi anjengalawa ? Akube kude nezinceku zakho ukwenze njalo.

Wathi: Makube kude kimi ukwenze njalo ; umuntu etholakele esandleni sakhe indebe uyakuba yisigqila sami, kepha nina manihambe kahle, nenyuke, niye kuyihlo.

Bonke abantu babona ukuduma nokunyazima kombani , nezwi lecilongo , nentaba ithunqa; kwathi abantu sebebonile, bathuthumela, bema kude.

Abantu bema kude ; uMose wasondela ebumnyameni obunzima , lapho ekhona uNkulunkulu. Umthetho we-altare

Deda ube kude nendaba yamanga ; ungambulali ongenacala nolungileyo , ngokuba angiyikumyeka owonileyo.

UMose wayevama ukulithatha itende , walimisa ngaphandle kwekamu , libe kude nekamu , walibiza ngokuthi itende lokuhlangana . Kwathi bonke abamfunayo uJehova baphuma, baya etendeni lokuhlangana elalingaphandle kwekamu.

UJehova uyakukuthumela isizwe esivela kude ekugcineni komhlaba njengokundiza kokhozi, isizwe ongayikuqonda ulimi lwaso,

ayesema amanzi avela ngenhla , afukuka aba nqwabanye kude kakhulu ngase-Adamu, umuzi oseceleni kweSaretani ; lawo ewuka eya ngaseLwandle lwase-Araba, uLwandle Lukasawoti, anqamuka impela ; abantu base bewela maqondana neJeriko.

Wawayala ngokuthi : Bhekani, niyakuwuqamekela umuzi , emva komuzi , ningayi kude kakhulu nomuzi, nihlale nilungele nonke.

Makube kude nathi ukuba sihlubuke uJehova , sibuye namuhla ekumlandeleni uJehova ngokwakha i -altare leminikelo yo kushiswa, neleminikelo yempuphu, nelemihlatshelo, ngaphandle kwe-altare likaJehova uNkulunkulu wethu eliphambi kwetabernakele lakhe.

Abantu baphendula bathi: Makube kude nathi ukumshiya uJehova ukuba sikhonze abanye onkulunkulu,

Ngalokho uJehova uNkulunkulu ka -Israyeli uthi: Ngasho nokusho ukuthi indlu yakho nendlu kayihlo yohamba phambi kwami kuze kube phakade . Kepha manje uJehova uthi : M akube kude nami , ngokuba abangidumisayo ngiyakubadumisa; abangidelelayo bayakweyiswa.

Futhi nami , makube kude nami ukuba ngone kuJehova ngokuyeka ukunikhulekela; kakhulu ngiyakunifundisa indlela enhle nelungileyo.

Abantu bathi kuSawule: Uyakufa yini uJonathani okwenzile lokho kusindisa okukhulu kwa-Israyeli na? Makube kude; kuphila kukaJehova, akuyikuwela phansi nolulodwa unwele lwekhanda lakhe , ngokuba usebenzile noNkulunkulu namuhla. Abantu bamhlenga ukuba angafi. USawule uyalwa nezizwe eziningi

Wathi kuye : Makube kude lokho ; awuyikufa; bheka, ubaba akenzi lutho olukhulu noma oluncane engakwambuleli kimi; pho, ubaba ubeyakungifihlela le nto na? Akuyikuba njalo.

UJonathani wathi : Makube kude nawe , ngokuba uma bengazi nakanci ukuthi kunqunywe okubi ngubaba ukuba wehlelwe yikho , bengingayikukutshela na?

Ngiqale namuhla yini ukumbuzela kuJehova na? Makube kude nami; inkosi mayingabeki cala encekwini yayo , nakuyo yonke indlu kaba ba, ngokuba inceku yakho ayazi lutho lwayo yonke le ndaba, oluncane noma olukhulu.

Wathi kubantu bakhe: Makube kude nami , Jehova, ukuba ngenze okunjalo kuyo inkosi yami, ogcotshiweyo kaJehova, ngelulele isandla sami kuye, lokhu engogcotshiweyo kaJehova.

Ameva nezingibe kusendleleni yabaphambeneyo , kepha ogcina umphefumulo wakhe uyakudedela kude nakho.

Ubuwula buboshelwe enhliziyweni yomntwana , kepha induku yokula ya iyabudedisela kude naye.

UJowabe waphendula wathi : Makube kude , makube kude nami ukuba ngigwinye noma ngichithe.

Wathi: Makube kude nami , Jehova, ukuba ngenze lokhu ; kuyigazi lalabo bantu ababesuka besengozini. Akavumanga ukuwaphuza. Lezo zinto zenziwa yilawa maqhawe amathathu.

Wayesethi uNaboti ku -Ahabi: Makube kude nami ngenxa kaJehova ukuba ngikunike ifa lawobaba.

uJehova aze adedisele kude abantu, nencithakalo ibe nkulu ezweni.

ngangokuba abantu babengenakwahlukanisa izwi lok ukhamuluka kwentokozo nezwi lokukhala kwabantu , ngokuba abantu bakhamuluka ngokukhamuluka okukhulu, umsindo wezwakala kude.

Ngalokho, Thathenayi, mbusi phesheya koMfula , nawe Shethari Bozenayi nabangane benu ama -Afarisaki abangaph esheya koMfula , manibe kude nalapho;

Banikela ngemihlatshelo emikhulu ngalolo suku , bathokoza, ngokuba uNkulunkulu wayebathokozisile ngentokozo enkulu ; nabesifazane nabantwana bathokoza, kwezwakala kude ukuthokoza kweJerusalema. Ukubuyiselwa kokweshumi

uma udedisele kude ukona okusesandleni sakho , ungahlalisi ububi ematendeni akho,

Bhekani, inhlanhla yabo ayisesandleni sabo ; icebo lababi malibe kude nami.

Uma ubuyela kuSomandla , uyakwakhiwa, uma udedisa okubi kude etendeni lakho,

Makube kude nami ukuba nginivumele; angiyikuzaphuca ukuphelela kwami ngize ngife.

Baqhekeza umgodi kude nalapho behlala khona abantu , lapho bekhohlakele khona lunyawo; bayalenga, bajikajika kude nabantu.

Bayanengwa yimi, bemi kude nami; abayeki ukungikhafulela ngamathe.

Ngalokho ngizweni nina bantu abanokuqonda ; makube kude noNkulunkulu ukuba enze okubi, nakuSomandla ukuba enze ukona.

Ngiyakulanda kude ulwazi lwami, nginike uMenzi wami ukulunga.

Dedisela kude nami okuyize namanga , unganginiki ubumpofu nengcebo , kepha ngiphe isinkwa engisimiselweyo,

Jehova, umeleni kude na? Uzifihlelani ubuso ezikhathini zokuhlupheka na?

Ungabi kude nami, ngokuba inhlupheko iseduze, nosizayo akakho.

Kepha wena Jehova mawungabi kude, wena mandla ami, shesha ungisize.

Uyakubona, Jehova; mawungathuli; Nkosi, mawungabi kude nami.

Abathandekayo bami nabahlobo bam i bemi kude nokuhlupheka kwami ; abakwethu bemi kude laphaya.

Ungangishiyi, Jehova; Nkulunkulu wami, ungabi kude nami.

Bheka, bengiyakubaleka, ngiye kude, ngingenise ehlane. Sela

Nkulunkulu, ungabi kude nami; Nkulunkulu, phuthuma ungisize.

Unjengemikhumbi yabathengi; ulanda kude ukudla kwakhe.

Engikade ngazana nabo ubaxoshele kude, wangenza ngibe yisinengiso kubo; ngivalelwe, ngingephume.

Isihlobo nomngane ubaxoshele kude; ubumnyama bungumhlobo wami.

Wathanda ukuthuka , kweza phezu kwakhe ; wayengathokozi ngesibusiso , sahlala kude naye.

Susa kuwe ukuphambana komlomo , nezindebe eziyisigwegwe uzidedisele kude nawe.

Dedisela kude naye indlela yakho, ungasondeli emnyango wendlu yakhe,

Bonke abazalwane bompofu bayamzonda ; kakhulu kangakanani abangane badedela kude naye; uyabaxosha ngamazwi, kepha awasekho.

Kuludumo kumuntu ukuhlala kude nokuxabana , kepha zonke iziwula ziyaphikisana.

Konke lokho ngikuvivinyile ngokuhlakanipha , ngathi: Ngiyakuhlakanipha, Kepha kwakusala kude nami.

Niyakwenze njani ngosuku lokuhanjelw a nasekuchithakaleni okuvela kude na? Niyakubalekela kubani ukuba nisizwe na ? Niyakushiya kubani imfuyo yenu na?

Izizwe ziyaxokozela njengokuxokozela kwamanzi amaningi , kodwa uyakuzisola, zibalekele kude, zixoshwe njengamakhoba asezintabeni phambi komoya, nothuli olushwilayo phambi kwesiphepho.

Zonke izinduna zakho zibalekile kanyekanye , zaboshwa ngaphandle kweminsalo; zonke ezakho ezafunyanwayo zaboshwa kanyekanye , noma zazibalekele kude.

Yilowo ongumuzi wenu ojabulayo , ubudala bawo busukela ezinsukwini zasendulo, owayiswa kude yizinyawo zawo ukuba uhlale khona, na?

Yathi iNkosi : Ngenxa yokuba laba bantu besondela , bangidumise ngemilomo yabo nangezindebe zabo , kodwa bazidedisele kude nami izinhliziyo zabo , nokungesaba kwabo kungumyalo wabantu abawufundisiweyo nje,

Bheka, igama likaJehova livela kude , livutha ngolaka lwakhe , linzima ngamafu; izindebe zakhe zigcwele intukuthelo , nolimi lwakhe lunjengomlilo oqothulayo;

Amehlo akho ayakuyibona inkosi ebuhleni bayo , ayakubona izwe elelulekele kude.

Bheka, laba bayakuvela kude ; bheka, laba bayakuvela enyakatho nasentshonalanga, nalaba ezweni laseSinimi.

Ngokuba izindawo zakho ezichithekileyo neziyiz e nezwe lakho eliqothuliweyo kuyakuminyana ngabakhileyo khona , nabakugwinyileyo bayakuba kude.

Uyakumiswa ngokulunga ; uyakuba kude nokucindezelwa , ngokuba awuyikwesaba, nanovalo, ngokuba aluyikusondela kuwe.

Waya kuMoloki uphethe amafutha , wawandisa amakha akho ; wathumela kude izithunywa zakho, wazehlisela nasendaweni yabafileyo.

Ukwahlulela kubuyiselwa emuva , nokulunga kumi kude , ngokuba iqiniso liyakhubeka esigcawini, nobuqotho abunakungena.

Phakamisa amehlo akho nxazonke , ubone; babuthana bonke, beza kuwe ; amadodana akho ayakuvela kude, namadodakazi akho ayakuphathwa ngezingalo.

Iziqhingi ziyangihlalela , imikhumbi yaseTharishishi kuqala , ukuletha amadodana akho evela kude , enesiliva negolide lawo kulo igama likaJehova uNkulunkulu wakho nakoNgcwele ka-Israyeli, ngokuba uyakudumisa.

Usho kanje uJehova , uthi: Ububi buni oyihlo ababufumene kimi , baze badeda kude nami, balandela okuyize, baba yize, na?

Ungqoqwane waseLebanon i uyashiya yini amadwala asendle , namanzi aqandayo agobhoza kude ayakusha, na?

NginguNkulunkulu eduze yini , usho uJehova , ngingesiye uNkulunkulu kude na?

ngokuba baprofetha amanga kini ukuba nisuswe kude nezwe lakini , nginixoshe, niphele.

Ngokuba ngalokho uthumile kithi eBabele , wathi: Kuse kude ; yakhani izindlu, nihlale kuzo; tshalani amasimu, nidle izithelo zawo.

Balekani, nizulazulele kude, nihlale ezigoxini nina bakhileyo eHasori, usho uJehova, ngokuba uNebukadinesari, inkosi yaseBabele wenze amasu ngani , waceba amacebo ngani.

Walahla kude nokuthula umphefumulo wami, ngakhohlwa inhlanhla.

Wathi kimi : Ndodana yomuntu , uyabona yini abakwenzayo , izinengiso ezinkulu indlu yakwa -Israyeli ezenzayo lapha ukuba ngidede kude nendlu yami engcwele na? Kepha uyakubuye ubone ezinye izinengiso ezinkulu.

Thana ngabo: Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Noma ngibadedisele kude phakathi kwezizwe, ngabahlakazela emazweni, ngaba yindlu engcwele nokho kubo isikhashana emazweni ababehlakazelwe kuwo.

Futhi nithumele amadoda avela kude , okwathunywa kuwo isithunywa ; bheka, afika; wazihlanzela wona, wawagqabela amehlo akho , wazivunulisa ngezivunulo,

Manje mabadedisele kude nami ukuphinga kwabo , nezidumbu zamakhosi abo, ngihlale phakathi kwabo kuze kube phakade.

Kepha amaLevi adeda kude nami lapho u -Israyeli eduka, eduka elandela izithombe zawo, ayakuthwala ububi bawo,

nina enidedisela kude usuku olubi, kepha nisondezile isihlalo sobudlova.

Ngiyakudedisela kude nani owasenyakatho, ngimxoshele ezweni elomileyo nelichithakeleyo, ubuso bakhe bube ngaselwandle lwasempumalanga, umuva wakhe ube ngaselwandle lwasentshonalanga , kukhuphuke ukunuka kwakhe , kwenyuke iphunga lakhe elibi; ngokuba wenzile izinto ezinkulu.

nathengisa ngabantwana bakwaJuda nangabantwana baseJerusalema kumadodana aseJavani ukuba nibadedisele kude nemikhawulo yabo.

Ngosuku owema kude ngalo , ngosuku abafokazi abasusa ngalo imfuyo yakhe, nabezizwe bangena ngamasango akhe , benza inkatho ngeJerusalema, nawe wawunjengomunye wabo.

ngenze abaqhugayo babe yinsali , abadediselwe kude babe yisizwe esinamandla; uJehova uyakubusa phezu kwabo entabeni yaseSiyoni kusukela manje kuze kube phakade.

Kuyakufika usuku lokwakha izingange zakho ; ngalolo suku umkhawulo wakho uyakudediselwa kude.

Amahhashi aso anejubane kunezingwe , anonya kunezimpisi zakusihlwa ; abamahhashi baso bayaqinisela; yebo, bavela kude abamahhashi baso , bandiza njengokhozi oluphuthuma ukudla.

Ngokuba bheka , itshe engilibeke phambi kukaJoshuwa kukhona amehlo ayisikhombisa etsheni lilodwa ngiyakuqopha ukuqoshwa kwalo , usho uJehova Sebawoti, ngidedisele kude ububi balelo zwe ngalusuku lunye.

Manje kwakukhona kude nabo umhlambi wezingulube eziningi ziklabile.

Uma ngibamukisa , baye ekhaya bengadlanga , bayakuphela amandla endleleni, ngokuba abanye babo bavela kude.

Esangena emzaneni othile , kwahlangana naye amadoda ayishumi anochoko, amela kude,

Kepha umthelisi emi kude wayengafuni nakuphakamisela amehlo akhe ngasezulwini, kodwa washaya isifuba sakhe , ethi: Nkulunkulu, ngihawukele mina soni.

Bonke abazana naye nabesifazane ababemlandela bevela eGalile bema kude, bebuka lezo zinto. Ukumbelwa kukaJesu (Math. 27:57; Mark. 15:42; Joh. 19:38)

Wathi kimi: Hamba, ngokuba mina ngizakukuthuma uye kude kwabezizwe. AbaJuda bafuna ukumbulala uPawulu

emi kude ngokwesaba ukuhlupheka kwalo ethi : M aye, maye kuwe muzi omkhulu waseBabiloni, muzi onamandla, ngokuba ngehora linye nje, kufikile ukwahlulelwa kwakho!

Abathengisi balezo zinto abacetshisiwe yilo bayakumela kude ngokwesaba ukuhlupheka kwalo, bekhala belila,

Ngokuba ngehora linye nje ingcebo engaka ichithekile . Nabashayeli bonke bemikhumbi, nabo bonke abaya nomaphi ngomkhumb i, namatilosi, nabo bonke abasebenza elwandle bemela kude,