Skip to Content

"kufaro"

56 occurrences in ZUL

UMose wayesephuma kuFaro, wamncenga uJehova.

Kepha ngikhumbule , nxa usuhlezi kahle , ungenzele umusa , ungibike kuFaro, ungikhiphe kule ndlu.

Yayisikhuluma induna yabaphathizitsha kuFaro , ithi: Ngiyakhumbula namuhla amacala ami.

UFaro wayesethuma wambiza uJosefa ; bashesha bamkhipha emgodini ; waphucula, waphendulela ezinye izingubo, wangena kuFaro.

UJosefa wayesethi kuFaro : Iphupho lika Faro linye ; lokho uNkulunkulu azakukwenza umazise uFaro khona.

Yikho lokhu engikushilo kuFaro: lokho uNkulunkulu asezakukwenza ukubonakalisile kuFaro.

Lokhu ukuthi iphupho liphindwe kabili kuFaro, kungokuba le nto inqunywe nguNkulunkulu, futhi uNkulunkulu uyakushesha ayenze.

Kwathi selilambile izwe lonke laseGibithe , abantu bakhala kuFaro ngokudla; uFaro wathi kubo bonke abaseGibithe : Yanini kuJosefa ; lokho anitshela khona, nikwenze.

UFaro wayesethi kubafowabo : Uyini umsebenzi wenu na ? Bathi kuFaro : Izinceku zakho zingabelusi, thina nawobaba.

Bathi kuFaro: Size ukugogobala ezweni, ngokuba akukho dlelo lemihlambi yezinceku zakho , lokhu indlala inzima ezweni laseKhanani ; ngalokho izinceku zakho mazakhe ezweni laseGosheni.

UJakobe wathi kuFaro : Izinsuku ze minyaka yokugogobala kwami ziyiminyaka eyikhulu namashumi amathathu ; ziyingcosana, zimbi izinsuku zeminyaka yokuhamba kwami , azifinyelelanga ezinsukwini zeminyaka yokuhamba kwawobaba emihleni yokugogobala kwabo.

Yizwe labapristi kuphela angalithenganga , ngokuba abapristi babethole isabelo kuFaro , badla isabelo sabo abapha sona uFaro ; ngalokho abathengisanga ngezwe labo.

Ababelethisi bathi kuFaro : Kungokuba amaHeberukazi engenjengabaseGibithe; anamandla, abeletha, engakafiki umbelethisi kuwo.

Ngakho hamba , ngiyakukuthuma kuFaro ukuba ukhiphe eGibithe abantu bami, abantwana bakwa-Israyeli.

UMose wayesethi kuNkulunkulu : Ngingubani mina ukuba ngiye kuFaro , ngikhiphe eGibithe abantwana bakwa-Israyeli na?

Uyakuthi kuFaro: Usho kanje uJehova , uthi: U-Israyeli uyindodana yami , uyizibulo lami.

Ngasemuva oMose no -Aroni bafika , bathi kuFaro : Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka -Israyeli, uthi: Bavumele abantu bami ukuba bahambe , bangenzele umkhosi ehlane.

Zase zifika izinduna zabantwana bakwa -Israyeli, zakhala kuFaro , zathi: Uziphathelani izinceku zakho kanje na?

Zahlangana noMose no -Aroni ababemi khona ukuzihlangabeza zisaphuma kuFaro.

Selokhu ngafika kuFaro ukukhuluma egameni lakho , ubaphathe kabi laba bantu, nawe awubophulanga nakanci abantu bakho.

UJehova wathi kuMose: Manje usuzakubona lokho engiyakukwenza kuFaro, ngokuba ngenxa yesandla esiqinileyo uyakubayeka ukuba bahambe , nangenxa yesandla esinamandla uyakubaxosha ezweni lakhe.

Ngena ukhulume kuFaro inkosi yaseGibithe ukuba ivumele abantwana bakwa-Israyeli ukuphuma ezweni lakhe.

Yibo labo ababekhuluma kuFaro inkosi yaseGibithe ukuba akhiphe abantwana bakwa-Israyeli eGibithe; yibo oMose no-Aroni.

uJehova washo kuMo se, wathi: NginguJehova; khuluma kuFaro inkosi yaseGibithe konke engikukhuluma kuwe.

UJehova wathi kuMose: Bheka, ngikwenze ube njengonkulunkulu kuFaro ; u-Aroni umfowenu uyakuba ngumprofethi wakho.

Wena uyakukhuluma konke engikuyala ngakho ; u-Aroni umfowenu uyakukhuluma kuFaro ukuba abavumele abantwana bakwa -Israyeli ukuphuma ezweni lakhe.

UMose wayen eminyaka engamashumi ayisishiyagalombili , u-Aroni eneminyaka engamashumi ayisishiyagalombili nantathu , mhla bekhuluma kuFaro.

OMose no-Aroni bangena kuFaro, benza njengalokho uJehova ebayalile; u- Aroni waphonsa phansi induku yakhe phambi kukaFaro naphambi kwezinceku zakhe, yaphenduka inyoka.

Yana kuFaro kusasa ekuseni ; bheka, uyaphuma ukuya emanzini ; yima ogwini lo mfula ukumhlangabeza ; induku eyaphenduka inyoka woyiphatha ngesandla sakho.

UJehova wayesethi kuMose: Ngena kuFaro, uthi kuye: Usho kanje uJehova, uthi: Bavumele abantu bami ukuba bahambe, bangikhonze.

UMose wathi kuFaro : Ziphakamise phezu kwami , usho ukuthi ngizakukuncengela ngasiphi isikhathi wena nezinceku zakho , nabantu bakho ukuba achithwe amasele kuwe nasezindlini zakho, asale emfuleni kuphela.

OMose no -Aroni baphuma kuFaro; uMose wakhala kuJehova ngamasele ayewalethile kuFaro.

Zase zithi izanusi kuFaro : Lokhu kungumunwe kaNkulunkulu . Kepha inhliziyo kaFaro yaba lukhuni, kabalalelanga, njengalokho eshilo uJehova. Inhlupheko yesine: izibawu

Wathi uMose : Bheka, ngiyaphuma kuwe ; ngiyakuncenga uJehova ukuba izibawu zimuke , zisuke kuFaro , nakuzo izinceku zakhe , nakubantu bakhe ngomuso; kodwa uFaro angabuyi akhohlise ngokungavumeli abantu ukuba bahambe bahlabele uJehova.

UJehova wayesenza njengezwi likaMose ; wasusa izibawu kuFaro , nakuzo izinceku zakhe, nakubantu bakhe; akwasala nesisodwa.

UJehova wayesethi kuMose : Ngena kuFaro , umtshele ukuthi : U sho kanje uJehova, uNkulunkulu wamaHeberu , uthi: Bavumele abantu bami ukuba bahambe, bangikhonze.

UJehova wayesethi kuMose : Ngena kuFaro , ngokuba ngenze lukhuni inhliziyo yakhe nenhliziyo yezinceku zakhe ukuba ngizenze lezi zibonakaliso zami phakathi kwabo,

OMose no -Aroni bangena -ke kuFaro , bathi kuye : Usho kanje uJehova , uNkulunkulu wamaHeberu , uthi: Koze kube nini wenqaba ukuzithoba phambi kwami na? Bavumele abantu bami ukuba bahambe, bangikhonze.

Izindlu zakho , nezindlu zezinceku zakho zonke , nezindlu zabo bonke abaseGibithe ziyakugcwaliswa yiso , abangazange basibone esinjalo oyihlo nawoyise bawoyihlo , selokhu ba fika emhlabeni kuze kube namuhla . Waphenduka, waphuma kuFaro.

OMose no -Aroni babuyiselwa kuFaro ; wathi kubo : Hambani nimkhonze uJehova uNkulunkulu wenu; kepha ngobani abazakuhamba na?

Waphuma kuFaro, wamncenga uJehova.

UJehova wayesethi kuMose : Ngisezakuletha inhlupheko eyodwa kuFaro nakulo iGibithe; ngasemuva uyakunivumela ukuba nisuke lapha ; yebo, nxa eniyeka ukuba nihambe, uzakunixosha nokunixosha lapha.

Zonke lezi zinceku zakho ziyakwehla , zifike kimi , zingikhothamele, zithi: Phuma wena nabantu bonke abakulandelayo; emva kwalokho ngizakuphuma. Waphuma kuFaro evutha ulaka.

UMose wayesemlandisa umukh we wakhe konke uJehova abekwenzile kuFaro nakubo abaseGibithe ngenxa ka -Israyeli, konke ukushikashikeka okwabehlela endleleni, nokuthi uJehova wabophula.

ungazesabi, kodwa ukhumbule kahle lokho uJehova uNkulunkulu wakho akwenza kuFaro nakulo lonke iGibithe:

nezibonakaliso zakhe, nezenzo zakhe owazenza phakathi kweGibithe kuFaro inkosi yaseGibithe nakulo lonke izwe lakhe,

UMose wabiza bonke abakwa-Israyeli, wathi kubo: Nibonile konke uJehova akwenzayo phambi kwamehlo enu ezweni laseGibithe kuFaro , nakuzo zonke izinceku zakhe, nakulo lonke izwe lakhe:

ngezibonakaliso nangezimangaliso zonke amthumela uJehova ukuba azenze ezweni laseGibithe kuFaro, nakuzo zonke izinceku zakhe , nakulo lonke izwe lakubo,

Basuka kwaMidiyani , beza ePharanu ; bathatha amadoda ePharanu , baya nawo eGibithe kuFaro inkosi yaseGibithe; yena wamnika indlu, wamnqumela ukudla, wamnika nezwe.

UHadadi esezwile eGibithe ukuthi uDavide ulele koyise nokuthi uJowabe induna yempi ufile, uHadadi wathi kuFaro: Ngivumele ukuba ngihambe ngiye ezweni lakithi.

wenza izibonakaliso nezimangaliso kuFaro nasezincekwini zakhe zonke , nakubo bonke abantu bezwe lakhe , ngokuba wazi ukuthi babebaqholoshela , wazenzela igama, njengalokhu kunjalo nanamuhla.

Izikhulu zaseSowani ziyiziwula impela , nesiluleko sabalulek i abahlakaniphileyo bakaFaro siphendukile ubuwula ; ningasho kanjani kuFaro ukuthi: Mina ngiyindodana yabahla kaniphileyo, ngiyindodana yamakhosi asendulo, na?

Ndodana yomuntu , bhekisa ubuso bakho kuFaro inkosi yaseGibithe , uprofethe ngaye nangalo lonke iGibithe,

Ndodana yomuntu, thana kuFaro inkosi yaseGibithe nases ixukwini sakhe: Ufana nobani ebukhulwini bakho na?

kwathi ngokwesibili uJosefa waziwa ngabafowabo ; kwabonakala kuFaro isizwe sakubo kaJosefa.

Ngokuba umbhalo uthi kuFaro : Ngakuphakhamisela khona lokhu ukuba ngibonakalise amandla ami kuwe nokuba igama lami lishunyayelwe emhlabeni wonke.