Inkosi uDavide yathumela kuSadoki naku -Abiyathara abapristi , yathi: Khulumani kumalunga akwaJuda , nithi: Kungani ukuba nibe ngabokugcina ukubuyisela inkosi endlini yayo , lokhu kufinyelele enkosini nasendlini yayo konke ukukhuluma kuka-Israyeli, na?
Ukulunga kwakho, Nkulunkulu, kufinyelele ezulwini; wena owenze izinto ezinkulu, Nkulunkulu, ngubani onjengawe na?