"kugedaliya"
12 occurrences in ZUL
Zonke izinduna zempi , zona nabantu bazo , sezizwile ukuthi inkosi yaseBabele imenzile uGedaliya umbusi ezweni , zaya kuGedaliya eMispa : u- Ishmayeli indodana kaNethaniya, noJohanani indodana kaKhareya, noSeraya indodana kaThanihumeti waseNethofa , noJahazaniya indodana yomMahakha, bona nabantu babo.
bathuma bamkhipha uJeremiya egcekeni letilongo , bamnikeza kuGedaliya indodana ka-Ahikamu kaShafani ukuba amyise ekhaya; wayesehlala phakathi kwabantu.
Engakabuyi, yathi: Buyela kuGedaliya indodana ka -Ahikamu kaShafani , inkosi yaseBabele emenze abe ngumbusi phezu kwemizi yakwaJuda , uhlale naye p hakathi kwabantu ; noma lapho kulungile emehlweni akho ukuya khona, yiya lapho . Induna yabalindi yayisimnika umphako nesipho , yamvumela ukuba ahambe.
Wayesehamba uJeremiya, waya kuGedaliya, indodana ka-Ahikamu, eMispa, wahlala naye phakathi kwabantu ababesele ezweni.
zaya kuGedaliya eMispa : u-Ishmayeli indodana kaNethaniya , noJohanani noJonathani amadodana kaKhareya , noSeraya indodana kaThanihumeti , namadodana ka -Efayi waseNethofa , noJahazaniya indodana yomMahakha , bona nabantu babo.
bonke abaJuda babuya ezindaweni zonke ababexoshelwe kuzo , bafika ezweni lakwaJuda kuGedaliya eMispa, babutha kakhulu iwayini nezithelo.
UJohanani indodana kaKhareya wakhuluma kuGedaliya eMispa ngasese , wathi: Mangihambe ngimbulale u -Ishmayeli indodana kaNethaniya , kungaziwa muntu ; ubeyakukubulalelani, ukuze bonke abaJuda ababuthene kuwe bahlakazake, insali yakwaJuda ichithwe, na?
Kwathi ngenyanga yesikhombisa u -Ishmayeli indodana kaNethaniya ka - Elishama, wozalo lwenkosi nowezikhulu zenkosi, wafika namadoda ayishumi kuGedaliya indodana ka -Ahikamu eMispa, badla khona isinkwa kanyekanye eMispa.
U-Ishmayeli indodana kaNethaniya waphuma eMispa ukubah langabeza, ehamba ekhala . Kwathi lapho esehlangana nabo , wathi kubo : Ngenani kuGedaliya indodana ka-Ahikamu.