Wathi kuGehazi inceku yakhe : Mbize lo mShunemikazi , wema phambi kwakhe.
Wayesehamba-ke, wafika kulowo muntu kaNkulunkulu entabeni yaseKarmeli. Kwathi la pho lowo muntu kaNkulunkulu embona esekude , wathi kuGehazi inceku yakhe: Bheka, nanguya umShunemikazi;
Wayesethi kuGehazi : Bhinca izikhali zakho , uthathe udondolo lwami ngesandla sakho , uhambe; uma uhlangana nomuntu , ungambingeleli; uma umuntu ekubingelela , ungamphenduli, ubeke udondolo lwami ebusweni bomntwana.